EzakamuvaIbhola

Mathathu agaqele u-Erick Mathoho obekhuhla ibhentshi kwiChiefs

By Njabulo Shezi

Kunamaqembu amathathu adlala kwiDStv Premiership asezidlisa satshanyana ku-Erick Mathoho njengoba eseshiyile kwiKaizer Chiefs. 

IChiefs iziqinisekise ngoLwesine izindaba zokuthi ngeke esahlala kuyo u-Erick Mathoho uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni. 

Wenzelwe umcimbi wokumvalelisa eNaturena njengoba ebesehlale khona iminyaka engu-11 njena. 

Ukuhamba kwakhe akubanga mnandi kwabanye abalandeli njengoba bekholwa wukuthi amava akhe asadingeka eqenjini. 

Kodwa ke njengoba iqembu lakhiwa kabusha, umqeqeshi u-Arthur Zwane naye udinga abadlali abasha abazosheshe bangene ebholeni afisa balidlale. 

U-Erick Mathoho akubonakali ke ezowuswela isikhathi eside umsebenzi njengoba Impempe seyithole ukuthi kunamaqembu amathathu aseqalile ukumeshela. 

Kuvela ukuthi iSekhukhune United yiyona ehamba phambili kulamaqembu amfunayo kanti kungenzeka ifake isicelo sayo maduze.

Kuthiwa njengamanje isahlanganisa ukuthi iqhamuke nento naye okungeke kube lula ayinqabe. 

“Bayamfuna impela. Angithi baya kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo ngakho bayabadinga abanye abadlali abanamava,” kusho isikhulu seSekhukhune esicele ukungavezwa. 

“Njengamanje udonga lwabo luqinile futhi u-Edwin Gyimah noDaniel Cardoso badlala kahle kakhulu nangokuzwana. 

“Kodwa bayamdinga omunye ukuze uma kukhona ongekho kubo avale isikhala. Bavele ke uCardoso noMathoho bake badlala ndawonye kwiChiefs.”

Elinye iqembu elimfisayo lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-33 yiSwallows FC njengoba ifuna ukungadlaleli ngasezembeni ngesizini ezayo. 

“Sekungaba yimali inkinga kodwa yena bayamhalela impela futhi ke bona kade baqala ukumeshela. 

FUNDA NALA: UCassius Mailula uveza ubuhlungu abuzwa behlulwa yiWydad

“Ngiyacabanga basazoqhubeka ikakhulukazi njengoba eseshiye ngokusemthethweni nje kwiChiefs,” kusho umthombo osondelene neSwallows. 

Elinye iqembu elivelayo nalo yiTS Galaxy yaseMpumalanga. Akukacaci ke yona ukuthi isike yamthinta yini.