URulani uveza okugqilazayo ngokungadlali ezingeni elikhokhelayo
Uvuma ukuthi ezinye izinto uyazicabanga, kodwa akakazwe aziwe noma azenze ngokwakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena.
Le nsizwa esencane yaseSoweto, neyindodana kaKK Sono ngumfowabo kaJomo Sono, iqale ukuqeqesha isencane kanti ayizange idlale ezigabeni ezikhokhelayo.
Nokho ingomunye wabaqeqeshi abenza umsebenzi oncomekayo futhi ikhono layo alingabazeki okwamanje.
Kumanje usefake iSundowns emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
URulani Mokwena ukwenze lokhu ngokushaya iCR Belouizdad yase-Algeria ngo 6-2 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.
Kodwa ke ukuthi yena akadlalanga ezingeni elikhokhelayo ukubona kumgqilaza uRulani Mokwena.
“Enye yezinto ezingigqilazayo wukuthi angidlalanga ezingeni elikhokhelayo,” usho kanje ngemuva komdlalo wabo neCR Belouiszdad.
“Ezinye zezinto ezenzekayo emdlalweni mina angikaze ngibhekane nazo. Yingakho ke ngibuye ngilindele lukhulu.
“Kodwa ngokokubheka isimo somqondo, ngiyakwazi ukubona ukuthi kunzima kanjani.
“Ngithembela kakhulu ekutheni ngikhulume nabadlali. Kumele ngikhulume, ngizame ukuthola umuzwa wokuthi bakusiphi isimo nokuthi bacabangani.
“Lokho ke kudinga ukuthi ukhaliphe kakhulu ngokwemizwa. Yingakho benginomuzwa gesiwombe sokuqala ukuthi sizolithola igoli.
“Yithi obekuseduze ukuthi sithole igoli kunabo,” kuchaza uRulani Mokwena. ISundowns ibuye kade seyilandela ngemuva kulo mdlalo.
Ikwazile ukutholwa igoli ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala, yaphinda elinye ekuqaleni sesibili, yanqoba ngo 2-1.
Umqeqeshi weBelouizdad, uNabil Kouki uyincomile iSundowns wathi yiyo ephezulu ngokwezinga kulo mqhudelwano nonyaka.
FUNDA NALA: Uxolisile oweSafa ‘ngokuhlambalaza’ abaqeqeshi beGolden Arrows
UKouki uthe kuyacaca ukuthi leli qembu liqeqesheke kahle kodwa uRulani Mokwena uthi lokho bayakujabulela kodwa ngeke bakufake ekhanda.
“Siyakubonga ukunconywa futhi siyazithoba. Kodwa ngihlale ngibatshela abadlali ukuthi kufana nokuphakelwa uju ngommese.
“Futhi ngeke ngibheke emuva kakhulu ukuchaza lokho kodwa ngizobheka ukushaywa kwethu yiStellies (Stellenbosch kwiNedbank Cup).
“Sasidlala umbhedo. Yingakho ebholeni kumele ujabulele ukunconywa, uphinde wamukele uma kungahambi kahle.”