EzakamuvaIbhola

Lixhoshwe libhekile, sithi yobe nina beNkosi

Siyabingelela kubafundi beMpempe ngobuningi babo.

NgoLwesibili (Ephreli 24) sikhiphe udaba obelunesihloko esithi ‘Siqimuzeke phansi isikhulu sele-ABC Motsepe’.

Kulolu daba bekukhulunywa ngoSanele Mngwengwe oyisikhulu esiphezulu soMkhambathini Football Club.

Odabeni kuvele ukuthi uMngwengwe akaphathekanga kahle, waze waquleka ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe uMsinga ngo 2-0 emdlalweni we-ABC Motsepe League, eHarry Gwala Stadium, ngempelasonto edlule.

Kuphinde kwavela ukuthi uMngwengwe wayehlele indumezulu yomcimbi wokuzijabulisa, owagcina ubhuntshile ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishayiwe.

Konke lokhu uMngwengwe yinto ayiphikayo futhi uthi unobufakazi bokuthi kungamampunge wodwa.

SiyiMpempe sicela ukuxolisa kuMngwengwe neqembu lakhe uMkhambathini FC. Umbhali wodaba akazange alandele imigomo efanele yezobuntatheli ngesikhathi eloba.

Impempe izibophezele ekubikeni ngokungachemi, ukungazifaki ezingxabanweni nokungasontwa ingalo abantu abathile abanezinhloso esingazazi.

Lapha kwiMpempe sibika ngezemidlalo zonke, futhi akekho umuntu esifisa ukuthi azizwe edelelekile noma igama lakhe lidicilileke phansi.

Impempe ingakuqinisekisa ukuthi ithathe isinqumo esinzima sokuthi umbhali wodaba angasabi yingxenye yayo ukuya phambili.

Sithi yobe kuMngwengwe nabo bonke abasondelene neqembu lebhola, uMkhambathini FC.