Kuphelile ngeBlack Leopards idliwa yizembe kwiChampionship
Imizamo yeBlack Leopards yokuzama ukuvika izembe igcine iphenduke izithukuthuku zenja, yaphelela emoyeni.Â
Sekuqinisekile ukuthi leli qembu laseVenda, eLimpopo elinenqwaba yabalandlei lizobe lidlala esigabeni seSafa, i-ABC Motsepe League ngesizini ezayo.
IBlack Leopard idliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship yize kusasele imidlalo emibili isongwe isizini kulesi sigaba.
Kube yiPlatinum City Rovers eshayela isipikili sokugcina kwiBlack Leopards ngesikhathi iyishaya ngo 2-0 ngoMgqibelo.
Nomakhelwane bayo baseVenda, iTshakhuma Tsha Madzivhandila bayilandelile iLeopards njengoba nabo likhalile kubo izembe. ITTM yona ishaywe yiHungry Lions ngo 2-1.
Ukudliwa yizembe kweLidoda Duvha kulandela okweJomo Cosmos yona ehluthulwe yizembe ngesizini edlule.
ICosmos isidlala kwi-ABC Motsepe League eGaunteng kanti ihlulekile ukudla isicoco esigcine sidliwe yiDondol Stars.
Ngemuva kwemidlalo engu-28, iBlack Leopards isaqoqe amaphuzu angu-22 kuphela okuyihlazo elimangazayo.
Noma ingayiwina le midlalo emibili esele ngeke kusasiza ngoba izophelela kumaphuzu angu-28.
ICity Rovers esendaweni ka-14 yona inamaphuzu angu-30 kumanje futhi seyisindile ezembeni.Â
Emizamweni yayo yokuvika izembe, iLeopards ize yalanda umqeqeshi namava u-Owen Da Gama kodwa naye ufike sekuvele sekumoshakele.
IBlack Leopards ngelinye lamaqembu anomlando omude ebholeni lakuleli futhi asekhiqize inqwaba yabadlali abagcine bedumile ebholeni lakuleli.
Abakamuva nje ukuphuma kuleli qembu ngoSibongiseni Mthethwa weStellenbosch FC noKhuliso Mudau noLesedi Kapinga beMamelodi Sundowns.
Embangweni wesicoco kulesi sigaba, kubonakala kuyoze kucace ngosuku lokugcina ukuthi siyaphi lesi sicoco esihambisan nelungelo lokudlala kwiDStv Premiership ngesizini elandelayo.
Umbango uphakathi kweCasric Stars, Cape Town Spurs nePolokwane City. ICasric Stars yiyo ephezulu kwilogi yale sigaba okwamanje.
Ishiya iSpurs ngephuzu elilodwa. IPolokwane City yona isendaweni yesithathu. ICasric Stars ibambane nePretoria Callies ngo 1-1 ngempelasonto.
FUNDA NALA:Â UNkosinathi Sibisi uncoma ukuzikhandla kweBucs bephunyuka iGalaxy
ISpurs yona ithole induku ka 2-1 kwiVenda Football Academy, kwathi iPolokwane yashaywa Uthongathi ngo 1-0.
Ime kanje imiphumela yalesi sigaba ngoMgqibelo:Â
Venda FA 2 CT Spurs 1; TTM 1 Hungry Lions 2; All Stars 1 JDR Stars 1; City Rovers 2 Leopards 0; Polokwane City 0 Uthongathi FC 1; Pretoria Callies 1 Casric Stars 1; AmaTuks 1 La Masia 1; Magesi 1 Baroka 2.Â
By Sbongs Gumbi