Usefuna eseComrades Marathon isicoco uMuriko onqobe iMangosuthu
Usebheke ukuyibamba kwiComrades Marathon umgijimi waseKenya uShelmith Muriuki omangaze abaningi enqoba iMangosuthu Ultra Marathon ka-2023 eDundee ngeSonto.
UMuriuki, onamahloni nokhulumela phansi, uthe naye uzimangazile ngokuwina lo mjaho kodwa asekulangazelele kakhulu ukuba yingxenye yeComrades ngoJuni 11.
“Bekunzima kakhulu kodwa ngemuva kwamakhilomitha angu-25 nginqume ukugqashula esixukwini,” kusho uMuriuki.
“Ngizitshele ukuthi ngeke ngisabheka emuva, uma ngiwina kuzokwenzeka uma ngikhathala sengobona khona. Ngikubheke ngabomvu ukuba yingxenye yeComrades Marathon.”
Lo mgijimi ubeqala ukugijima iMangosuthu Marathon njengoba iziwinile u-R100 000. Iveze ukuthi izoqhubeka nokuziqeqesha kanzima ukuze kufike iComrades isimi ngomumo.
“Akukho ebengikwazi ngabanye abagijimi, bengizigijimela nje ngendlela yami ngaba nenhlanhla ngawina. Ngijabule kakhulu,” kuqhuba le ntokazi.
ULoveness Madziva, ongomunye wabagijimi asebeke bayiwina iMangosuthu Marothon, uthe ubamoshile kakhulu uMuriuki, nokuyinto evele yamqeda amandla wangawuqeda umjaho.
FUNDA NALA: UBrandon Truter ufakazela uDube ngolwamankwebevu kuMaZulu
“Ngimbone eqhela kakhulu kithina. Ngithe ngiyazama ukunyusa ijubane ngabona ukuthi ayingangami. Usibulele kakhulu,” kusho uMadziva.
Nokho lo mgijimi uthembise ukuthi uzobuya ngamandla ngonyaka ozayo.