UKhenyeza uvuma iminjunju ngokungabi khona kwe-Arrows kwiMTN 8
PHILI HLONGWANE
Uyavuma ukuthi akwehli kahle ukungabi yingxenye yeMTN 8 ka-2024, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza.
Lo mqeqeshi uveze lokhu ngemuva kokuthi Abafana Bes’thende beshaywe AmaZulu ngo 2-1 emdlalweni wokuqala weKZN Premier’s Cup, ebanjelwe, ePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi, kule mpelasonto.
Kule midlalo kukhona amaqembu aKwaZulu-Natal, i-Arrows, AmaZulu, iRoyal AM, iMaritzburg United, iRichards Bay FC neMilford FC.
I-Arrows ike yayinqoba iMTN 8 ngo-2008 lapho yabhudluza khona i-Ajax Cape Town ngo 6-0 kowamanqamu. Ngaleso sikhathi yayiholwa uManqoba Mngqithi osengumqeqeshi weMamelodi Sundowns.
“Akukho mnandi (ukungayidlali iMTM 8) kodwa ezinye izinto kumele wazi ukuthi ngeke uzilawule. Sidinga ukubheka phambili sibone ukuthi yini enye esingayenza ukuze izinto zibe ngcono siphinde sibe lapho,” kusho uKhenyeza ngemuva komdlalo.
Mayelana nomdlalo wabo noSuthu uthe ubone bedlale kahle kakhulu ngaphandle kwezinto ezincane nje.
“Sidinga uku-ayina lokhu okumele siku-ayine…okuningi sesikwenzile kodwa kumele sizame ukubhekana nenkinga yokwakha amathuba nokuwaqedela.”
Kulo mdlalo Usuthu lufake umdlali walo omusha nosemncane, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu.