EzakamuvaiDStv Premiership

Akumethusi uHappy Jele ukuyobhekana nePirates okokuqala

UHappy Jele uzokwethemba ukuthi ngeke yena abingelelwe ngezinhlamba njengoMama Joy uma esebuyela e-Orlando Stadium okokuqala kusukela ashiya kwi-Orlando Pirates.

Lo mdlali wasemuva usekwiRoyal AM manje kanti izovakashela iPirates beyogadulisana bebanga amaphuzu amathathu emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ntambama. 

UMama Joy wayengumlandeli wokuqina wePirates kodwa wayihlubuka waya kwiRoyal AM. 

Kwathi efika e-Orlando Stadium okokuqala esehamba nezikaMaMkhize, abalandeli bePirates bamklolodela baze bambiza ngembuka. 

NoHappy Jele cishe bazoke bamhhahhameze abalandeli uma edlalile kulo mdlalo kwazise wabashiya bengazelele. 

Ubesehlale amasizini angu-16 kwiPirates ngaphambi kokushiya. Waqoma ukushiya ngoba abaphathi bethi akawabeke ethala amakhokho.

“Kuzobe kungokokuqala ngidlala neqembu engikhulele kulo. Kodwa sengikujahile ukudlala nabo,” kusho uHappy Jele. 

“Bathi impilo kumele iqhubekele phambili. Kunjalo nakimi, sengikwelinye iqembu manje ngakho kumele ngilisebenzele.”

Uthi into ezobe isekhanda kuye nozakwabo amaphuzu amathathu abafuna ukuwathola ukuze bangene kwiTop 8 ekupheleni kwesizini. 

“Umdlalo omkhulu impela. Futhi ke akubuzwa ukuthe sifuna ukuvuka sizithintithe kwazise emdlalweni odlule asenzanga kahle. 

“Sihluliwe. Kulo ozayo sifuna ukwenza kahle impela,” kusho uHappy Jele oyibambe kwiPirates isikhathi eside. 

“Umdlalo obaluleke kakhulu eqenjini lona ngoba asikho endaweni ebesifisa ukuba kuyo (kwilogi). 

“Kodwa sizoqhubeka siphushe ukuze sizame ukufika kule ndawo esiyisophile,” kuchaza lo mdlali ongomunye wabaziphatha kahle ebholeni lakuleli.” 

IRoyal AM idonse kanzinyana kule sizini kanti isendaweni yesishiyagalolunye njengoba isaqoqe amaphuzu angu-33. Isisalelwe imidlalo emithathu.

FUNDA NALA: AbeKaizer Chiefs bazikale ngamehlo njengamanzi ophuthu Izinyoni

Nokho uHappy Jele uthi basangangena kwiTop 8 ngoba bafuna ukudlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.
“Kusangenzeka. Sifuna ukudlala iMTN8 ngesizini ezayo. Le midlalo esele kumele sisebenze kanzima sizame ukuthola amaphuzu agcwele.”

By Alfred Ngubane