Bayanda abafuna imali zabo kwiRoyal AM
Kuvela ukuthi ibolile yizikweletu iRoyal AM njengoba siya ngokukhula nje isibalo sabayibophayo befuna izinkokhelo zayo.
IRoyal AM ikweleta noMax Shabalala eyathenga kuye isitifiketi seligi yabesifazane iHollywoodbets Super League.
Leli qembu lithenge isitifiketi seBlomefontein Celtic ukuze lisungule iqembu labesifazane elidlala kule ligi.
Kuvele kunecala elingakapheli eyalifakwa uSamir Nurkovic ofuna ukukhokhelwa imali ebalelwa ku-R12 million.
Manje Impempe seyithole ukuthi izimenenja zabadlali baleli qembu zihlela ukulifaka enkantolo ukuze zithole izimali zazo.
“Kunezimenenja ezinhlanu noma ngaphezulu esezihlanganile ukuze zisebenzisane ukuthola izimali ezikweletwa zona,” kusho umthombo.
“Zikhala ngokuthi kunezimali zazo eziyisibonelelo esitholwa yizimenenja uma umdlali wazo esayina neqembu.
“Zithi zona azikatholi nesenti lodwa leli kwiRoyal AM nokuyingakho ke manje sezihlela ukuya enkantolo.”
Lo mthombo uphinde waveza ukuthi baningi abadlali abangase balandele uShuane Mogaila ngokushiya kuleli qembu.
Lo mdlali okwazi ukudlala esiswini nasemuva akasajimi futhi akasadlali kwiRoyal AM njengoba kubangwa inkontileka entsha.
Anayo njengamanje iyaphela ngoJuni kanti wenqabile ukuvuselela. Ube esebonakala njengomdayisi kuleli qembu.
FUNDA NALA: U-Andile Jali ukhonjwa kwelasenhla ne-Afrika
Phela kuzokhumbuleka ukuthi lisasesigwebeni sokungasayini abadlali kodwa lingakwazi ukugcina elinabo ngokubanika izinkontileka ezintsha.

