EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Okusha ngekusasa likaDumisani Zuma kuMaZulu

Imenenja kaDumisani Zuma ithi izingxoxo zokuvuselelwa kwenkontileka yakhe kuMaZulu  FC zisamile okwamanje. 

UDumisani Zuma uzophelelwa yinkontileka ngoJuni kodwa Usuthu lunombandela wokuthi lungengeza unyaka owodwa kule evele ikhona njengamanje. 

Yize Usuthu lusathule ngalokhu, imenenja yakhe uBasia Michaels ayitatazeli ngoba ithi iyakuqonda okwenzekayo. 

Ithi iqembu libatshele ukuthi lisafuna ukugxila ekutheni liqhele ezindaweni zezembe la lizithola likhona ngaphambi kokwenza izinqumo ngekusasa labadlali. 

Kuvele ke kulindeleke kukhululwe inqwaba kuleli qembu laKwaZulu-Natal elibhekene nezinsolo zokuthi kuphuzwa kakhulu kulo. 

Lezi zinsolo ziqhamuke noPhumlani Dube owayesebenza kuleli qembu qede zafakazelwa nanguBrandon Truter owake waqeqesha kuwo AmaZulu. 

“Isivumelwano esinaso sinombandlela wokuthi iqembu lingavuselela noma liyinqamule inkontileka,” kusho uMichales kwabeSABC Sport ngoMsombuluko. 

“AmaZulu asendaweni ebucayi njengamanje futhi kuyezwakala uma iqembu lithi lisafuna ukunyukela endaweni ephephile kuqala. 

UDumisani Zuma ufike kuMaZulu kade exoshwe kwiKaizer Chiefs ngenxa yokuhluleka ukuziphatha ngendlela efanele. 

Mhlawumbe yikho lokhu okwenza Usuthu lungamniki inkontileka yesikhathi eside ukuze lubone uziphatha kanjani. 

Usedlale imidlalo engu-20 kusukela efikile kuleli qembu likaSandile Zungu eselishintshe abaqeqeshi kathathu kule sizini. 

Ikhono likaDumisani Zuma, ongowokuzalwa eMgungundlovu, alingabazeki futhi uMichaels uyathemba Usuthu luzomgcina. 

FUNDA NALA: Yephuleleke isigwebo iSuperSport ngo-Iqraam Rayners 

“Uma seliphephile iqembu, sizobe sesiqala ke sibheka indaba yenkontileka ukuthi kumiswa kanjani. 

“Ngeshwa nje siyaqala ukubhekana nesimo esifana  nalesi ngakho kumele sibhekane noma yini ezokwenzeka,” kuchaza yena. 

By Sbongs Gumbi