EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Yephuleleke isigwebo iSuperSport ngo-Iqraam Rayners 

Umbandela owafakwa yiSuperSport esivumelwannei sayo neStellenbosch FC bedayiselana u-Iqraam Rayners sizoyisiza kakhulu. 

Ngokwalo mbandela, u-Iqraam Rayners ngeke adlale uma iSuperSport seyibhekene neStellies eTUT Stadium ngoLwesibili kusihlwa. 

Lo mgadli uwashaya ngathi ukhipha isibhongo amagoli kusukela ebuyele kwiStellies ngoJanuwari. 

Emidlalweni engu-11 kwiDStv Premiership neNedbank Cup u-Iqraam Rayners useshaye amagoli angu-15. 

Ukuthi ngeke adlale kulo mdlalo weSuperSport kuvezwe nguye lo mgadli ekhuluma nabeRadio 2000 ngeviki elidlule, ethi naye akazi kwafikwa kanjani kulo mbandela.

“Mina segnisalelwe imidlalo emithathu kuphela kule sizini (emibili kwiligi nowodwa kwiNedbank Cup).

“Lokho kwenziwa ukuthi ngeke ngidlale uma sesibhekene neSuperSport United yize ngisayine ngokugcwele kwiStellenbosch. 

“Lokho kwakuwumbandela wesivumelano futhi anginanxa nawo,” usho kanje lo mgadli.

Akungabazeki ukuthi iStellies sizoshoda engekho njengoba kunguye ofike nokhiye wokunqoba imidlalo kuleli qembu likaSteve Barker. 

Nokho lo mqeqeshi yena akanankinga futhi ukubona kukuhle ukuthi ake aphumule u-Iqraam Rayners. 

“Ngicabanga ukuthi kuzovulela abanye ithuba ngoba yena useyobuya sesidlala kwiNedbank Cup. 

FUNDA NALA: Lishwebile iTheku kulokhu, uya ePitoli owamanqamu kwiNedbank Cup

“Akuyona into embi kakhulu ngoba yithuba lokuthi ake aphumule, abuyise amanda. 

“Uzobe ekhona uma sesibhekene neSekhukhune United ngeSonto.” IStellies izodlala neSekhukhune kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup eDanie Craven Stadium. 

By Sihle Ngubo