iDStv Premiership

U-AK 47 ugxeka abaqeqesha iMaritzburg ngenkinga yehlathi

Usola abaqeqeshi beMaritzburg United ngokuziba abadlali baseMgungundlovu namaphethelo, uSandile “AK 47” Ndlovu, owake wayibamba kwiTeam of Choice.

Ukhuluma kanjena nje uNdlovu kubanjwe umoya kwiTeam of Choice njengoba iyivale ekugcineni kwilogi yeDStv Premiership, kanti sekusele imidlalo emithathu kuphela ukuthi kusongwe isizini. IMaritzburg inamaphuzu angu-25 nokuchaza ukuthi kumele iyiwine yonke imidlalo yeligi esele uma inethemba lokusinda ekugawulweni yimbazo enkulu.

UNdlovu, owake wayibamba nakwiMamelodi Sundowns neMoroka Swallows, ubona libukelwa phansi kakhulu ikhono lebhola eliyintaxa eMphithi.

“UFarook (Kadodia, ongusihlalo weMaritzburg) uyabathanda abadlali baseMgungundlovu kodwa abaqeqeshi beMaritzburg ababanakile abadlali abadabuka kuleli dolobha,” kusho uNdlovu owayengalibheki ipali ngezikhathi zakhe.

“Uma umqeqeshi engeyena owaseMgungundlovu, noma labo asebenza nabo bengebona abakuleli dolobha, akuvamisile ukuthi kuzoba nabadlali basendaweni eqenjini. Wonke umuntu ufuna ukuveza ukuthi ufike nobani, waveza bani.

“Lokhu kubuye kusebenze noma kungasebenzi njengoba kuphika kwiMaritzburg. Asinabo abadlali abadabuka eMgungundlovu kwiMaritzburg kodwa iqembu liyesekwa kakhulu abantu bakuleli dolobha.

“Bakhona abadlali ePMB, zikhona izinkulisa ezikahle ezinabadlali abahle. Kwesinye isikhathi ukunganaki yikona okusibeke kulesi simo esikusona manje. 

“Kuzoba buhlungu kakhulu uma kungathiwa iyaphuma iMaritzburg. Sizophatheka kabi ngoba siphuma ngobuningi bethu ukuyoyeseka uma idlala njengeqembu lasekhaya, yize bengekho abadlali bendawo.”

ITeam of Choice kuzomele izame ukuthola amaphuzu aphelele uma isibhekene neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. Leli qembu kumele ilishaye nakanjani iMaritzburg, ngokusho kukaNdlovu.

“Ngemuva kukaSiphesihle Ndlovu noBandile Shandu, mhlawumbe sinabadlali ababili noma abathathu kuphela abadabuka eMgungundlovu. Umdlalo ozocacisa ukuthi iqembu liyaphuma yini noma liyahlala yilo abazowudlala neMarumo Gallants,” kugcizelela uNdlovu.

“Kumele bawuwine lowo mdlalo uma bezimisele ngokusindisa iqembu ezembeni. Uma bengena enkundleni kufanele kuphele nya ukuthi siyibambe ekugcineni.

“Uma ubuka amanye amaqembu angaphezulu, abashiyani ngamaphuzu amaningi. Amaphuzu ayisishiyagalolunye angababeka endaweni engcono. Umdlalo wokugcina abazowudlala neSundowns awunayo ingcindezi ngoba isizothatha indebe, yize phela izofisa ukuqukula indebe iwinile.

“Okuhle ukuthi imidlalo emibili, oweMarumo noweStellenbosch FC, bazoyidlalela ekhaya ngakho bazothola ukwesekwa. Abafana kumele baphushe ngempela, bakhohlwe nawukuthi kukhona amaqembu abathembise ukubasayinisa. Umdlalo weMarumo iwona owukhiye, akumele banake amanye amambu noma imidlalo emibili esasele.”

Sihle Ngubo