OweSpurs usakhala ezimathonsi ‘ngokuphucwa’ yiChiefs abadlali
SIHLE NGUBO
Akuvumi emukele ukuthi abadlali bakhe ‘ubephucwe’ yiKaizer Chiefs mahhala oyisikhulu esiphezulu seCape Town Spurs, u-Alexi Efstathiou.
Lokhu kulandela ukuthi umehluleli weSafa, uHilton Epstein, enqume ukuthi u-Asanele Velebayi noLuke Baartman, bakhululekile ukuthi bajoyine iqembu laseNaturena mahhala.
Ngokwalesi sinqumo iSpurs kumele inike uVelebayi noBaartman izincwadi ezibakhululayo ngaphandle kokulindela imali kwiChiefs.
Abaphathi beSpurs bebefuna ukukhokhelwa ngalaba badlali yize iqembu selidlala kwiligi yama-amesha.
U-Efstathiou uthi kuyaqaqamba kubona njengeqembu ukudedela uVelebayi noBaartman mahhala, bebe bebakhulise kanzima kangaka.
“Iminyaka engu-30 inkulisa yethu yifa esiziqhenyayo ngalo,” kusho u-Efstathiou.
“Sesifake hhayi nje imali kuphela, kodwa ukuzimisela, isikhathi, nendlela yethu ekukhuliseni abadlali abasebancane ukuthi babe abadlali bebhola elikhokhelayo abazimele.
“Umphumela waleli cala, yize siwamukela, uyasiphoqa ukuthi sibuze imibuzo ebalulekile.
“Siqhubeka kanjani nalo msebenzi obaluleke kangaka esimeni lapho inkontileka ebambe umdlali ikwazi ukuhlakazwa nje kalula yisimo?”
Njengoba i-Urban Warriors izithola idedela uVelebayi noBaartman mahhala nje, ike yaba nethuba lokwenza imali ngoyedwa wabo kodwa yenqaba naye.
IChiefs kukholakala ukuthi yayizimisele ngokukhipha u-R5 million bese inike iSpurs abadlali ababili, ukuze ithole uVelebayi leli qembu lisagijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Nokho abaphathi beqembu kwavela ukuthi babefuna u-R12 million ngomdlali, nokuyinto eyaze yacasula unina owayebona ithuba lokuthi umfana wakhe aye kwiChiefs.
“Into esesigxile kuyona manje ukuthi sihlangane nabammeli bethu bese setshise konke lokhu,” kuqhuba u-Efstathiou.
“Sidinga ukuthola into eya phambili ezintweni ezimbili – okokuqala umthelela walokhu esikwatini sethu njengoba sidlala kwi-ABC Motsepe League.
“Okwesibili, nokubalulekile, ukuthola isinxephezelo esifanele iqembu ngokukhulisa laba badlali.
“Ukuba khona kwenkulisa yethu nekusasa leCape Town Spurs, kulele ezimpendulweni Zale mibuzo.”
Ngokufaka leli cala likaVelebayi noBaartman, iSpurs seyizohlukana no-R125 000 ngokuhlalelwa kwalo.

