EzakamuvaIbhola

Umasipala wasoLundi ugixabeze Ulundi United ngejezi elisha

Umkhandlu wasoLundi unikele ngejezi lebhola eqenjini Ulundi United, eselizogijima kwi-ABC Motsepe League kule sizini ezoqala.

Leli qembu lasoLundi, eNkonjeni, linyukele kwiMotsepe League ngemuva kokudla umhlanganiso esigabeni esingaphansi kwalesi ngesizini edlule.

Umkhandlu wasoLundi unqume ukuba ulekelele iqembu kwazise abadlali balo baqhamuka Ondini kumawadi ahlukene. 

Ulundi United luzovula imidlalo yeligi ngokugadulisana neHelenic FC eMtunzini Soccer Field ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.

“Kuyasithokozisa njengoMasipala ukuthi sisaqhubeka nokufeza izethembiso zethu esisuke sizethembisile abantu bakithi, ngokubenzela izinto ezinhle ezifuze lezi,” kusho imeya yasoLundi uWison Ntshangase.

“Yiqembu lalapha Ondini leli siyazigqaja ngalo. Sifuna ukulibona lidlondlobala, liqhubekela phambili, lifinyelele kwiPSL. Sizibophezele ukulilekelela leli qembu ngalokho esivumelana ngakho.”

Ukaputeni weqembu, uThobani Mncwango, ubonge umasipala wasoLundi wase ethembisa ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthi badlale ngokuzimisela, babuye nemiphumela emihle ezojabulisa abantu basoLundi.