EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Kugqame uRelebohile Ratomo iPirates iidedela iRoyal AM isiyibambile

By Sbongs Gumbi

Uveze ikhono elihle nokuthembisa ukuthi uzoba ngumdlali okhaliphile uRelebohile Ratomo edlala okokuqala kwi-Orlando Pirates. 

Lo mfanyana oneminyaka engu-17 ukhombise ukuthi uzoba muhle impela yena uma engaqhubeka ngokuzimisela, engavumi kumngene ekhanda ukuthi udlale kahle. 

URelebohile Ratomo uvele uyisihlabani esesinegama kwiDStv Diski Challenge kanti ubedlala okokuqala eqenjini elikhulu. 

IPirates iwuqale ngabadlali iningi labo elingajwayele ukuqala lo mdlalo.

Kulaba badlali singabalula oMakhehleni Makhaula, uRelebohile Ratomo, uKermit Erasmus noFortune Makaringe.

Lokhu umqeqeshi uJose Riveiro ubekwenze ngoba ephumuza abanye abadlali ukuze kufike umdlalo wangempelasonto beyimiqemane. 

Abanye, njengoTapelo Xoki bekwenzelwa ukuthi bangazithole sebemisiwe kwazise unamakhadi amathathu aphuzi.

Phela iPirates inomdlalo onzima la izogadulisana khona neKaizer Chiefs kwiNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama. 

Lamaqembu azobe ebanga ukuzibekela indawo kowamanqamu osekuqinisekisiwe ukuthi uzoba seLoftus Versveld Stadium ngoMeyi 27.

Nokho yiyo iPirates ebidlala kahle futhi iwakha kahle amathuba. Empeleni nje bekumele kuyiwe ekhefini ihamba phambili noma ngamagoli amabili.

Iqhubekile nokucindezela iPirates nasesiwombeni sesibili nokuyila kuqhamuke khona igoli.

Bekungumzuzu ka-56 ngesikhathi umfana omncane uRelebohile Ratomo ededela udalimede weshodi. Ibhola lakhe lizishayise ku-Elias Pelembe qede layonamathela enethini.

Kuzomele bamqaphe kahle ke kodwa abaqeqeshi bePirates lo mfanyana ngoba udumo lungamdida uma eyekelelwa.

FUNDA NALA:  USifiso Hlanti uphawula ngamaphutha aqhatha iChiefs nenduku

Njengoba abalandeli bese bechwaza nje uma ephethe ibhola, kungenzeka azibone eseyinto enkulu. 

Avelile namanye amathuba kuwo womabili amaqembu. IRoyal AM ilithole ekugcineni elokulinganisa nelishaywe nguMenzi Masuku.

Lo mphumela ubeke iPirates ethubeni elihle lokuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership bese ibuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.