Ezakamuva

UWilliams ubonge umndeni enqoba imiklomelo emcimbini weCAF

SIHLE NGUBO 

Unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, ube ngumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba umklomelo iCaf Interclub Player of the Year neCaf Goalkeeper of the Year ngoMsombuluko ebusuku.

UWilliams ukhale wemuka nemiklomelo ngesikhathi kunomcimbi weCAF wokuklomelisa abenze kahle e-Afrika kunobhutshuzwayo, eMarrakech, eMorocco.

ISundowns iphume kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League ngesizini edlule. UWilliams ubedlala kahle kakhulu evimba namaphenathi kulo mqhudelwano.

Uphinde wenza ezibukwayo uWilliams egqoke imibala yeBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.

Ezibongela lo kaputeni weBafana Bafana uthe: “Ngiyabonga ngalo mklomelo omkhulu kangaka. Ngithanda ukubonga iCAF, abazali bami, umlingani wami nezingane zami ngokungeseka.

“Ngibonga abaqeqeshi bonke engikhule ngaphansi kwabo ebholeni. Ngiyazi ukuthi lokhu kuzogqugquzela izigidi zabantu eNingizimu Afrika.”

Mayelana nomklomelo kanozinti obashaye bonke emakhanda e-Afrika, uWilliams ubonge bonke abaqeqeshi bonozinti asesebenze nabo okukhona kubona uWendell Robinson, osanda kuchithwa yiSundowns, uWilliam Shongwe, u-Andre Arendse, uGrant Johnson nabanye.