EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

USifiso Hlanti uphawula ngamaphutha aqhatha iChiefs nenduku

By Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs izilimaze kaningi kule sizini ngamaphutha asemuva ayenzela phansi kodwa uSifiso Hlanti akafuni kugxilwe kulokho. 

“Ngeke ngithi ayikho esigxile kakhulu kuyo,” usho kanje uSifiso Hlanti eseNaturena Village ngoLwesithathu ekuseni. 

“Amaphutha into yakhona kulo mdlalo kodwa yinto esihlale sizama ukuyigwema nje. “Okubaluleke kakhulu wukusebenzisana kweqembu. Senza amaphutha emdlalweni bese ekugcineni kumele sibheke phambili, sibuke okuhle.” 

Ukhuluma kanjena nje uSifiso Hlanti uyazi ukuthi amaphutha ngeke amukeleke emdlalweni wabo olandelayo. 

IChiefs izogadulisana nezitha zayo ezindala i-Orlando Pirates emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup ngoMgqibelo. 

“Siyazi akumnandi uma sidedela amagoli kalula. Kodwa siyakulungisa lokho futhi siyethemba izinto zizoqonda maduze nje.” 

IChiefs ibonakala seyibeke wonke amathemba ayo kwiNedbank Cup njengoba isilele emuva embangweni wendawo yesibili nje. 

USifiso Hlanti uthi bazama ukuvuka bazithathe ngemuva kweminyaka yendlala yezindebe esiyihlazo kuleli qembu. 

“Kumele sivuke sizithintithe. Kodwa akumele sizifakele ingcindezi kakhulu,” kuchaza lo mdlali olinxele ozalwa eNewcastle. 

“Uma sidlala nePirates kuhlezi kuyimpi futhi kuyinto enkulu hhayi kithi nje kuphela kodwa kuwo wonke umuntu ezweni. 

“Sifuna umphumela omuhle kodwa siyazi ngeke kube lula ngoba nabo banecebo lokusishwebisa. 

FUNDA NALA: Ucashe ngesithupha owaMaZulu ngoManqoba Mngqithi, kodwa…

“Nathi sinalo elethu esifuna ukubaphoxa ngalo,” kuchaza uSifiso Hlanti ongomunye wabadlali asebekhulile kwiChiefs. 

IChiefs izoya kulo mdlalo ibuya endukwini ebingalindelwe muntu wyithole kwiSwallows FC ngoMsombuluko.