EzakamuvaIbhola

IChiefs seyijikele kumdlali weRoyal AM ukuqinisa esiswini 

Alfred Ngubane

Imizamo yeKaizer Chiefs yokuqinisa iqembu iyaqhubeka buthule kodwa Impempe seyitholile ukuthi kumanje icathamela umdlali weRoyal AM. 

Kuvela ukuthi leli qembu laseNaturena selike lalikhipha ithimba ukuyoqala izingxoxo nomengameli weRoyal AM uShauwn Mkhize. 

Lo mdlali weRoyal AM ofunwa yiChiefs nguSiphesihle Msomi odlala esiswini maphakathi nenkundla futhi ongomunye wabadlali abasebancane abadlala ibhola elisezingeni eliphezulu kakhulu.

“Selike lafika ithimba leChiefs lizofuna umdlali weRoyal AM efuna ayolidovola kuyo ngesizini ezayo. 

“Ngizwe ngathi uMaMkhize akanayo inkinga uma nje bezokwenza izinto ngendlela afuna ngayo,” kusho lo mthombo wethu ongavamile ukushaya eceleni. 

“Ngicabanga ukuthi nobudlelwano beRoyal AM neKaizer Chiefs abububi ngakho angiboni yini engavimba uma bengezungoqa nemali.” 

UMsomi ukhulele kwinkulisa yeRoyal AM njengoba engowokudabuka eNanda, eThekwini. Kuzokhumbuleka ukuthi kwiKaizer Chiefs selokhu kwahamba uTinashe Nengomasha akekho umdlali owakwazi ukudlala indawo yakhe.

Bazamile nje abeze ngemuva kwakhe okukhona kubo noWillard Katsande kodwa kwasho khona ukuthi abafiki kuleliya zinga elashiya uNengemasha.

UMsomi uyakwazi ukudlala agxile eswini, awine ibhola ezitheni bese eliphakela abadlali abahlaselayo. 

Uma iKaizer Chiefs imtholile uzolandela oPule Mmondi, Mduduzi Mdantsane noRanga Chivaviro okungabadlali abasha kuleli qembu. 

Ukufuna kwalo uMsomi nokho kungenzeka ukuthi sekuchaza ukuthi seliyekile ukuzingela kwiStellenbosch FC la belifuna khona uSibongiseni Mthethwa. 

Kwezinye izinguquko ezenzeke kuleli qembu kuleli viki wukusayiniswa kuka-Itumeleng Khune noS’fiso Hlanti izinkontileka zonyaka. 

Kube sekuqashwa noMolefi Ntseki njengomqeqeshi, ethatha umsebenzi ka-Arthur Zwane obuyiselwe ekubeni yiphini benoDillon Sheppard. 

FUNDA NALA: AwaseRomania asevule imboni kwiKaizer Chiefs

Kukhululwe no-Alexander Cole obedlala kuyo le ndawo efunelwa uMsomi. NoPhathutshedzo Nange odlalai indawo efanayo wakhululwa ngeviki elidlule.