EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

BUKA: Uphinde wahlukunyezwa uMamaJoy e-Orlando Stadium

By Sbongs Gumbi

Umlandeli wokuqina weRoyal AM uMamaJoy Chauke ubethukuthele eveva ngemuva kokuvinjwa ukuthi angene e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.

Ufake ividiyo ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuthi akazi uvinjelwani ngoba nethikithi belisesandleni. 

UMamaJoy ubengumlandeli omkhulu wePirates ngaphambi kokushintsha alandele ezikaMaMkhize.

Ubeye kwesikaMaminzela edlubhe umfaniswano weRoyal AM njengoba beyidlala nePirates emdlalweni weDStv Premiership. 

“Bafethu ngilana… ABangivumeli ngingene e-Orlando Stadium. Angazi ngoneni ngoba nali nethikithi ngiliphethe. 

“Nali ithikithi lami. Uyalibona? Kodwa angivunyelwe ukungena,” kuchaza uMamaJoy ememeza. 

“Benza sengathi abalibonanga ithikithi lami. Abangivumeli ngingene. Abafuni!

“Nali ithikithi. Ngilithenge eTicketPro. Abangichazelanga ukuthi kungani bengavumi. 

“Akekho owaziyo ukuthi kungani ngingavunyelwe ngingene,” kusho yena. 

Kube sekungenelela nabanye abalandeli betshela onogada ukuthi ababize lo obatshele ukuthi bavimbe uMamaJoy ezochaza ukuthi ukwenzelani lokho. 

UMamaJoy uthi uze wasizakala ngoba sekungelele iphoyisa elibheke ithikithi lakhe, lathola ukuthi alinankinga labe selimngenisa. 

Bekungekhona ke okokuqala lo mlandeli wesifazane ehlukunyezwa e-Orlando Stadium kusukela ashiya kwiPirates. 

Ngesikhathi efika okokuqala ngesizini edlule, waphuma ephuke umoya abalandeli bemdelela becula nangaye bethi uyixoki. 

Wathi lezi zinhlamba ababemchapha ngazo akazazi zisukaphi ngoba akonanga lutho ngokudela iPirates ayoqoma iRoyal AM. 

AbePirates babemgxeka ngokuthi ulandela ibhodwe eliconsayo. Bathi ulandela iRiyal AM ngoba ezitshela ukuthi kukhona azokuthola kuMaMkhize. 

FUNDA NALA: Kuvela okuzokwenza iChiefs imgcine uKhama Billiat

Lo mdlalo wona ugcine uphele zibambene ngo 1-1. Igoli lePirates libe ngumkhonto ogwaze ekhaya ka-Ellias Pelembe. 

UMenzi Masuku ushaye elokulinganisa esikhathini esengeziwe, eyiphuca seyiwabalile amaphuzu iPirates. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *