EzakamuvaEzokusubatha

Ubona ikhono elifihlakele kwabesimame basemakhaya uBongumusa Mthembu

By Sihle Ngubo

UBongumusa Mthembu ubona ukuzibukela phansi kwabesimame basemakhaya kunomthelela omkhulu ekutheni bangazimbandakanyi emijahweni lapho bengagqama khona.

Lo mbono uBongumusa Mthembu, oyinxusa leHarry Gwala Ultra Marathon ka-2023 ezogijinywa ngeSonto uwuveze engxoxweni yakhe neMpempe.

UMthembu, osebe ngumpetha weComrades Marathon kathathu, uthe abesifazane basemakhaya akumele bazeye ngoba banethuba elihle lokuphumelela ezintweni ezifana nemijaho yamabanga amade.

“Thina esiphuma emakhaya siqinile ngoba sasihamba amabanga amade sisakhula uma siya ezikoleni. 

“Sasiphinde seluse, sihambise izinkomo emadiphini. Okusuke sekusele nje ukuthi kuphuculwe ikhono nokuyinto okumele sisizwe kuyona uhulumeni wethu emazingeni omasipala,” kusho uBongumusa Mthembu.

Ugcizelele ukuthi abesimame basemakhaya badinga uqinisekiswa kaningana ukuthi bangenza noma yini yenzeke.

“Lokhu okuhlale kushiwo ezingeni likazwelonke ukugqugquzela abesifazane kumele kuphindwe kaningi lapha emakhaya. 

“Kumele kungene kubona ukuthi ayikho into eyenziwa abantu besilisa engabehlula.

“Akumele bakuthathe njengehlaya okusuke kushiwo kwithelevishini abantu abasuke sebephumelele ukuthi basuke bephuma ezindaweni yasemakhaya.”

FUNDA NALA: UTerrence Dzvukamanja uphika eyokusebenzela inkontileka entsha kwiBucs

Abezemidlalo abafana noSiya Kolisi webhola lombhoxo, uCaster Semenya, ongumgijimi noThabo Nodada, odlala unobhutshuzwayo, abanye babadlali enze isibonelo ngabo uBongumusa Mthembu. 

Bonke laba bakhulele emakhaya njengoba sebephumelele kwezemidlalo ngokwehlukana kwabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *