EzakamuvaiDStv Premiership

OweChiefs usole unompempe ngokubancisha iphenathi

UCavin Johnson uphinde wakhala ngonompempe ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ibambane ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto.

Umqeqeshi waMakhosi ubengeneme ngokushweba amathuba kweqembu lakhe kodwa wabona sengathi bekufanele babekelwe i-free kick ngaphambi kokuthi Usuthu lushaye igoli. 

UJohnson ubengakakuboni ukuthi uVictor Letsoalo ubese-offside kancane egolini loSuthu, obekuzomenza angeneliseki kakhulu ngonompempe. 

“Igoli abalishayile… ngicabanga ukuthi bekune-free kick obekumele ibekelwe thina ngaphambi kokuthi balishaye,” kusho uJohnson.

“Abadlali bahuqe ubuthongo, okuyinto engejwayelekile, sibaphile nje igoli elilula (kodwa) bengicabanga ukuthi bekungadingekile kuze kufike lapho.

“Bekufanele asibekele i-free kick. Futhi ngicabanga ukuthi bekukhona nepphenathi, kodwa akazange asinike yina.

“Ngibone nala bekumele kube nekhadi elibomvu,” kuchaza lo mqeqeshi osesalelwe yimidlalo emibili kulo msebenzi wakhe. 

UJohnson akazange aname neze ngephuzu elilodwa yize Amakhosi ekwazile ukubuyela kwiTop 8, eqa iPolokwane City ngomehluko wamagoli. 

IChiefs nePolokwane bazotholana phezulu ngoMgqibelo eFNB Stadium.

“Bekumele siwathole (amaphuzu) amathathu,” kwengeza umqeqeshi weChiefs.

“Sidlale ngokulingana emdlalweni wokugcina, sadlala ngokulingana kulona. 

“Siyazikhandla kodwa asiwashayi amagoli. Kufanele singatataze phambi kwamapali.

“Akufanele ulahle amathuba akho, ikakhulukazi lawo acacile.”