EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Ucashe ngesithupha owaMaZulu ngoManqoba Mngqithi, kodwa…

NguManqoba Mngqithi ozobe epheka AmaZulu FC ngesizini ezayo, ngokusho kwabasondelene nalo mqeqeshi naleli qembu laseThekwini. 

Lokhu kuvela nje umengameli waMaZulu uSandile Zungu uphike waze walala ngomhlane ukuthi kukhona abaqeqeshi asebekhuluma nabo. 

Kodwa Impempe ithole ukuthi cha okaManzini ubephika ngoba kufanele enze njalo ngoba uManqoba Mngqithi usasebenza kwiMamelodi Sundowns. 

“Uma umlalelise kahle, uthe abakakhulumi naye ngokusemthethweni… Uthe banqena ukuthi kube sengathi badelela iSundowns. 

“Akashongo kodwa ukuthi abamfuni. Mina ngizokuhlebela nje ukuthi sebelinde kucacise iSundowns ngoMngqithi,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa. 

Uthe izinkontileka zeSundowns zinemibandela enzima futhi uManqoba Mngqithi engazithola esezinkingeni uma kungavela ukuthi kukhona asekhuluma nabo. 

Ekhuluma oKhozini FM ngoLwesibili kusihlwa, uSandile Zungu yena uchithe kakhulu eka-Andile Jali.

“Ngizoqala ngale ka-Andile Jali… Angizazi izinsolo ziqhamukaphi ngoba akekho owake wakhuluma nami ngo-Andile Jali,” kusho uSandile Zungu. 

“Ngeke ngikhulume amazwi ayiziswana ngo-Andile Jali kodwa kuyiqiniso ukuthi akekho owake wakhuluma ngaye noSuthu. 

“Kolukamqeqeshi uMnqgithi… ey, sike sakusho (phambilini) ukuthi uManqoba Mngqithi ngumqeqeshi esimhlonipha kakhulu la Osuthwini. 

“Amagalelo akhe ayaziwa. Kodwa njengamanje uwumuntu oqashwe yiMamelodi Sundowns esangakwazi ukuvusa umbandela wokuthi imgcine. 

“Ngakho akufanele ukhulume ngomuntu oqashwe ngelinye iqembu engathi awukuhloniphi ukuthi ngumuntu wabo lowo.” 

UZungu uthe njengamanje basanike uAyanda Dlamini ithuba lokhuthi aziveze ukuthi uwulungele yini lo msebenzi. 

“Siyamhlonipha uManqoba Mngqithi njengomqeqeshi… Kodwa sino-Ayanda Dlamini la. 

“Kuthe uma ngimqasha ngamtshela ukuthi ngimnika ithuba lokuthi azibonakalise. 

“Abukho ke ubulungiswa ukuthi engathi ezama ukuzibonakalisa ukuthi ukufanele ukuqeqesha Usuthu bese ngapha kube khona abaqeqeshi esikhuluma nabo. 

“Abekho abaqeqeshi esikhuluma nabo ngokusemthethweni. U-Ayanda Dlamini unikwe ithuba lokuzibonakalise. 

“Okwakhe ukuthi akwenze kube nzima kithi ukuthi simkhiphe sithi ngeke siye naye phambili. 

“Ngimtshelile naye lokho. Ngithe akakhiphe ikhono lakhe asikhombise ukuthi ibhola ukhule ngalo. 

FUNDA NALA: Kuvela umona we-Arrows, eyahlwitha uPule Saleng kuMaZulu

“Uma benze kahle (nethimba lakhe) ngeke kube wubulungiswa ukuthi singawabali amagama abo kubaqeqeshi esibabhekela lo msebenzi.” 

AmaZulu afuna umqeqeshi nje akukacaci ngoRomain Folz omisiwe ekuqeqesheni kodwa osanenkontileka neqembu. 

By Alfred Ngubane