Kusekuncane lokhu, kusho uRelebohile Ratomo wePirates
By Sbongs Gumbi
URelebohile Ratomo seneminyaka engu-17 nje kuphela kodwa usezifake ezinhliziyweni zabalandeli be-Orlando Pirates.
Lokhu ukwenze ngesikhathi edlala ibhola elihle nelikhomba ukuthi uzosivala isikhala sezethenjwa kuleli qembu ngokuhamba kwesikhathi.
Nguye lo mfanyana owakhe igoli elisize iPirates ithole iphuzu idlala ngokulingana ngo 1-1 neRoyal AM ngoLwesithathu ntambama.
URelebohile Ratomo udonse intambo engaphandle kwebhokisi, ibhola lakhe lazishayisa ku-Ellias Pelembe labe seliyonamathela enethini.
Leli bhola belivele liqonde enethini futhi uMondli Mpoto obevimbe kwiRoyal AM ubengeke alifice.
Nokho libhalwe ngokuthi ngelikaPelembe leli goli. Kodwa uRelebohile Ratomo yena ulithatha ngokuthi elakhe ngoba uthi ulisebenzele.
“Ngicabanga ukuthi belingifanele igoli ngoba bengilisebenzela,” usho kanje ngemuva kwalo mdlalo obuse-Orlando Stadium.
“Bengilokhu ngingena kaningi ebhokisini ngilindele ukukhahlela. Bekumnandi kakhulu.
“Bekungathi ngindiza emkhathini. Bekungumdlalo wami wokuqala futhi ngakhe negoli.”
URelebohile Ratomo ube esethembisa ukuthi lokhu akwenzile kulo mdlalo bekuseyisiqalo nje.
“Ngicabanga ukuthi kuseyisiqalo nje lesi, isibonelo sokuthi yini engisazoyenza.”
Ebuzwa ngokuthi uzizwe enjani ngesikhathi ebona igama lakhe esikimini sabazoqala umdlalo, uthe uthukile.
“Ngesikhathi ngibona okokuqala iqembu elizoqala umdlalo ngithukile… Kodwa ozwakwethu bangilulekile ukuthi angikhululeke.
“Bathe bazongisiza futhi bebelokhu bengisiza, bengigqugquzela futhi yingakho nje ngidlale kanje.”
URatomo ubedlaliswe ngoba iPirates beyibonga abanye babadlali abavamise ukuqala imidlalo kwazise inomdlalo omkhulu ngempelasonto.
IPirates izogadulisana neKaizer Chiefs eFNB Stadium bebanga indawo kowamanqamu kwiNedbank Cup.
FUNDA NALA: Zwane: Ukuzenzela kweKaizer Chiefs kwiPirates kwidabhi akusho lutho
Akubonakali uRatomo eziphinde anikwe ithuba yize kungenzeka abe khona eqenjini alizoya emdlalweni.
Kodwa kungenzeka abaqeqeshi bamfake uma umdlalo sewuzophela uma izinto zibahambela kahle.