IBafana noRonwen Williams bashiye igama elihle e-Ivory Coast
SIHLE NGUBO
Yize iBafana Bafana ingafikanga kowamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, kodwa izobuya e-Ivory Coast ihlonishwa ngendlela edlale ngayo kanti nokaputeni wayo uRonwen Williams ugile izimanga.
Eqenjini lesizwe lakuleli kugqame ubuqhawe bukaRonwen Williams, othole umklomelo kanozinti obaqwaqwade emakhanda bonke kwi-Afcon.
Lo nozinti weMamelodi Sundowns ungenelwe amagoli amathathu kuphela emqhudelwaneni wonke.
Emidlalweni emihlanu akazange adedele nelilodwa igoli nokuyinto eyenze ukuthi athole lo mkomelo.
Kuleyo midlalo yilapho iNingizimu Afrika ishaye khona iNamibia ngo 4-0, yadlala ngokulingana neTunisia ngo 0-0 kweyamaqoqo.
URonwen Williams uphinde wangangenelwa yigoli ngesikhathi iBafana ishaya iMorocco ngo 2-0 kwiLast 16, nangesikhathi ibambana neCape Verde ngo 0-0 kwi-quarterfinal, lapho yagcina iwine ngo 2-1 kumaphenathi.
Ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi uRonwen Williams uqophe umlando evimba amane, yadlulela kowandulela owamanqamu iBafana Bafana.
Emdlalweni wokugcina odlalwe yiBafana Bafana kwi-Afcon iphinde yangalidedela igoli, ibhekene neqembu elinzima iDemocratic Republic of Congo, kowokuhlunga iqembu elilale isithathu.
Umdlalo uphele ngo 0-0 iBafana Bafana yawina ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi. Ibe seyithola izindondo zethusi.
INingizimu Afrika iphinde yathola umklomelo iCaf Fair Play Team Award ngesikhathi sekukhishwa imiklomelo.
I-Ivory Coast, ebingosokhoya, ishaye iNigeria ngo 2-1 kowamanqamu, yakhala yemuka nendebe ye-Afcon.
Ngokufinyelela kweyandulela owamanqamu ye-Afcon, iBafana Bafana izothola u-R47 million.
Kuvela ukuthi abadlali bazohlukaniselana uhhafu wale mali, nokuchaza ukuthi emunye uzothola u-R1 million.
FUNDA NALA: UMshini usebheke ukukhiqiza impumelelo kwiChiefs
IBafana Bafana kulindeleke ukuthi itheleke kuleli ngoLwesithathu. Imidlalo yeDStv Premiership ebizodlalwa ngoLwesibili nangoLwesithathu ihlehlisiwe yiPremier Soccer League.

