Sekushoda isicoco seChampions League ku-Erling Halaand wamarekhodi
By Njabulo Shezi
Uzibhalele isahluko ngegama lakhe emabhukwini omlando e-English Premier Legaue u-Erling Halaand eshaya igoli lakhe lika-35.
Ukwenze lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi esiza iMachester City ishaya iWest Ham ngo 3-0.
ICity ibuyele esicongweni kule ligi ngemuva kwalo mphumela. Amagoli ayo ahaywe ngoNathan Ake, Erling Halaand noPhil Foden.
UHalaand ubeye kulo mdlalo evele eshoda ngegoli elilodwa ukuthi aqophe irekhodi elisha lamagoli kule ligi.
Ngaphambi komdlalo, ozakwabo kwiCity bamhloniphile u-Erling Halaand ngokuthi bamkhandele umhubhe bese bemshayela izandla.
Lokhu bebekwenza ngoba eseqophe irekhodi elisha kule ligi futhi ebukeka esazoqhubeka nokukwenza lokho.
Ngokusho komqeqeshi weCity, uPep Guardiola, u-Erling Haaland ngomunye wabadlali abaphambili emhlabeni.
Lo mgadli oneminyaka engu-22 nje kuphela udabuka eNorwat kanti esewonke amagoli akhe kule sizini angu-51 emidlalweni engu-45.
Kwi-Uefa Champions League useshaye amagoli angu-12 emidlalweni eyisishiyagalombli nje kuphela.
Indlela asefomini ngayo u-Erling Halaand yenza kubonakale iCity izokwazi ukunqoba lesi sicoco esesiyiphunyule kaningana phambilini.
FUNDA NALA: Zwane: Ukuzenzela kweKaizer Chiefs kwiPirates kwidabhi akusho lutho
Uzobe ebhekwe ngabomvu ngoMeyi 9 uma iCity seyigadulisana neReal Madrid emdlalweni owandulela owamanqamu kulo mmqhudelwano.
IReal Madrid nayo yinhle kule sizini futhi idlala ibhola elisheshayo kanti nenethi bayayazi la ingakhona.