EzakamuvaIbhola

UVictor Osimhen uweze iNapoli idla eseligi okokuqala

By Njabulo Shezi

Ulandele igama lakhe uVictor Osimhen esiza iNapoli yase-Italy iwine isicoco seligi okokuqala eminyakeni engaphezu kuka-30.

INapoli ithweswe umqhele njengompetha beSerie A ngoLwesine kulandela ukubambana ngo 1-1 ne–Udinese. 

Igoli leNapoli livalelwe phakathi ngumgadli wabo ongaconsi phansi u-Osimhen odabuka eNigeria.

Igama elithi Victor lisho uMnqobi ngesiZulu. INapoli idla lesi sicoco nje iNapoli sekuphele iminyaka engu-33 yagcina ukuqukula indebe yeligi.

Ngemuva kokuthi leli qembu lihlulekile ukusidla phambi kwabalandeli balo ngeSonto, leli qembu liye kulo mdlalo lazi ukuthi ukuthi uma lingabuya nephuzu elilodwa kuyobe sekulungile.

U-Osimhen ubesevalela phakathi igoli lakhe lesi-22 emidlalweni yeligi kule sizini neliqinisekise isicoco sesithathu seSerie A kwiNapoli.

Ee-Udinese lona livalelwe nguSandi Lovric. Abalandeli beNapoli bebelokhu bebambe umoya ngoba bebona sengathi iqembu labo lizoohoxa ekugcineni.

FUNDA NALA: Seyiswele umsila ngokulayezela kwabasafuna amathikithi edabhi

I-Udinese, okwake kwadlala kuyo insephe yakuleli uSiyabonga Nomvete, izamile ukuwuhlehlisa lo mcimbi njengoba beyilwa kulo mdlalo. 

Nokho igcine ihlulekile njengoba izitaladi zedolobha laseNapoli bezigcwele izindimbane zabalandeli ebezibhiyosela lesi sicoco.