Kuzozwela kwiChiefs ukushoda kukaKeagan Dolly kowePirates
By Sbongs Gumbi
UKeagan Dolly uzobe engekho uma iKaizer Chiefs seyibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni omqoka ngoMgqibelo ntambama.
Lesi sikhwishikhwishi silimele kanti iChiefs ithi uzeyoze abuye ngsizini ezayo okusho ukuthi ngeke abe khona kule midlalo esele.
Akungatshazwa ke ukuthi uKeagan Dolly ungumdlali obalulekile kwiChiefs njengoba kunguye ungumholi enkundleni.
Nguye obengukaputeni njengoba u-Itumeleng Khune esedliwa yibhentshi nje. Futhi uKeagan Dolly uyakumela lokho ngoba uyakwazi nokukhomoza abafana abancane.
Umqeqeshi u-Arthur Zwane uzamile ukuyishayela phansi eyokuthi uzobe engenaye uKeagan Dolly kulo mdlalo, ethi akuyena yedwa ozobe engekho.
“Siyashoda ngabo bonke abadlali abalimele kule sizini… Kuyesinda lokhu, ikakhulukazi uma uzama ukuhlanganisa iqembu.
“Le sizini siyiqale sinethemba, ukuthi ngalesi sikhathi, sizobe sesibona lapho esiya khona ngokwendlela yokudlala.
“Kodwa silinyazwe wukulinyalelwa kwabadlali abamqoka nokumiswa ke,” kuchaza uZwane.
Ngaphandle kukaKeagan Dolly, noKhama Billiat uhlale isikhathi eside elimele ekubeni ubebukeka engena efomini enhle.
Okuzomjabulisa uZwane nokho wukuthi unozinti athembele kakhulu kuye, uBrandon Petersen uyabuya.
UPetersen ubemisiwe emdlalweni weChiefs la ishaywe khona yiSwallows ngo 2-1 ngoMsombuluko.
“Yimpilo yethu kule sizini ukushintshashintsha iqembu okwenze izinto zingahambi ngendlela ebesifisa ngayo.
“Yingakho ngithi lena yisizini enzima kakhulu kwiChiefs selokhu ngafika la eqenjini,” kusho uZwane.
FUNDA NALA: Kusekuncane lokhu, kusho uRelebohile Ratomo wePirates
“Abanye balimale sisejimini, bese kweminye imidlalo kulimale abanye okwenza ungabi nalo iqembu eliqondile odlala ngalo.
“Bekulokhu kunjalo kusuka isizini iqalile kodwa ke ngeke sigxile kulokho. Kumele sithole isixazululo nesu lokubhekana nakho.”