Engagxuma ahlale umqeqeshi uma engaphinde abizwe kwiBucs
Umqeqeshi wabagadli, uScott Chickelday uthi ngeke acabange kabili uma kungaphinde kuvele ithuba lokuzosebenza kwi-Orlando Pirates.
Lo mqeqeshi uke wasebenza kwiBucs amaviki amahlanu ngesizini edlule futhi umehluko awenza wabonakala.
Ngesikhathi ekhona, abagadli bePirates babevutha bengabaselwe, ikakhulukazi oKermit Erasmus noTerrence Dzvukamanja.
Ekhuluma ne-iDiski Times kuleli viki, lo mqeqeshi wase-Engand akakufihlanga ukuthi usenaso isifiso sokubuya kuleli qembu.
“Cha, asikaze sixhumane nhlobo,” usho kanje ebuzwa ngokuthi ngabe abaphathi beqembu sebake bayiphatha yini eyokumqasha ngokugcwele.
“Ngisakhuluma kodwa nabadlali, sisaxhumana nabo. Abanye babo basangithumelela imiyalezo.
“Kokunye basuke befuna ngibeluleke kokuthile. Ngisaxhumana nabo ikakhulukazi ngemuva kwemidlalo.
“Ngiyabaxhuma ngibabongele noma ngibancome, izinto ezinjalo nje,” kuchaza uChickelday.
“Kodwa ke ngokwabaphathi beqembu, cha, akekho oseke waxhumana nami.
“Kuyishwa ke nokho lokho ngoba ngingagxuma uma bengathi angibuye.
“Ngikhuluma iqiniso lapha, ngingakujabulela impela ukubuya,” kuchaza yena.
UChickelday, olandelwa yinqwaba yabalandeli bePirates ezinkundleni zokuxhumana, ufake ividiyo yangesikhathi esakwiBucs kwi-X.
Kulapho ke kusuke khona uthuli abalandeli bejabula, abanye bezitshela ukuthi usebuyile kanti abanye bebebona kuyindlela yakhe yokusho ukuthi uyabuya.
Kodwa yena uthi ubefikelwe wumuzwa nje wokuyifaka le vidiyo, hhayi ngoba kukhona okwenzekayo.
FUNDA NALA: UMudau uphawula ngokufunwa kwakhe elase-England
Uthe njengamanje umatasa nokusiza abadlali ngabodwana, aphinde aye nasemaqenjini ehlukene la emenywa khona.