EzakamuvaiDStv Premiership

Ngabe uKomphela wayexabene noMokwena eshiya kwiDowns?

SIHLE NGUBO

Ukubuyela kukaSteve “Mphathi” Komphela lapho ashiya khona kwiMamelodi Sundowns, kushiya imibuzo ngobudlelwane bakhe noRulani Mokwena.

Abafana Ba’Style baqinisekise ukuthi uMphathi usebuyele kwiSundowns ngesitatimende asithumele kwabezindaba. UKomphela uhambe kwiSundowns kunemibuzo wajoyina iMoroka Swallows.

Ngokwesitatimende seSundowns uzoba umqeqeshi omkhulu asize uManqoba Mngqithi nethimba lakhe labaqeqeshi. Akucaci noma uMngqithi uyena yini ozoba yinhloko yabaqeqeshi.

“Ngiyajabula ukuthi ukuthi ngibuyele kwiSundowns lapho ebengigqugquzelwa khona, ngiphethwe ngenhlonipho nothando,” kusho uKomphela esitatimendeni.

“Ngizinikele ekusizeni iqembu ukuthi lenze kahle eNingizimu Afrika nase-Afrika.”

UKomphela, obesecija iLamontville Golden Arrows, uke wasebenza noMokwena kwiSundowns kodwa washiya ngemuva kokuthi lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 enziwe inhloko yabaqeqeshi kuleli qembu. Kwaba nezinsolo zokuthi uKomphela wayengasatholani kahle noMokwena osanda kuhlukana neSundowns.

Leli qembu liziqeqesha eNingizimu Afrika okwamanje kodwa lizolibangisa e-Austria ukuyolungiselela isizini entsha.