EzakamuvaiNedbank Cup

Amaqembu aKwaZulu-Natal anethuba ‘lokuntshontsha’ iNedbank Cup

SIHLE NGUBO

Amaqembu aKwaZulu-Natal ayibambe kwiNedbank Cup ka-2026, anethuba elihle kakhulu lokuqukula le ndebe okokuqala emlandweni.

Lokhu kuhlaluke njengoba kuqhubeka imidlalo yalo mqhudelwano, esibe nemiphumela eshiye amaqembu aseGauteng ekhala ezimathonsi.

Kuqale ngokuthi iKaizer Chiefs, ebivikela le ndebe, ikhishwe zisuka kulandela ukuthelwa othulini yiStellenbosch FC ngo 2-1 kwiLast 32.

NgoMgqibelo iMamelodi Sundowns iliwashile ijezi kwiNedbank Cup ngemuva kokushaywa yiTS Galaxy ngo 2-0, eMpumalanga.

Kuthe kusabhekwe lowo mphumela iLamontville Golden Arrows yafaka isibhaxu sika 1-0 kwiStellies, eThekwini, yaphuma kanjalo kwiNedbank Cup.

Umphumela oshaqise abaningi ngoMgqibelo, yilapho iCasric Stars ishaye khona i-Orlando Pirates ngo 5-4, sekukhahlelwa amaphenathi e-Orlando Amstel Arena.

Bekubhekwe ukuthi eZimnyama ziyithathe le ndebe, uma kubhekwa ukuthi seziqukule iMTN8 neCarling Knockout Cup, futhi bezinomgqigqo omuhle ngaphambi kokushaywa yiSundowns (kwiPremiership) neCasric Stars, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, kwiNedbank.

Kwenzeka konke lokhu nje amaqembu aKwaZulu-Natal kubukeka kuwahambela kahle kakhulu kwiNedbank Cup nonyaka.

AmaZulu FC azibekisele indawo kuma-quarterfinal kulandela ukuthela othulini omkhaya iRichards Bay FC ngo 1-0, ngoLwesihlanu, eMhlathuze Sports Complex.

IDurban City FC idlulele phambili ngemuva kokushaya i-Upington FC, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, ngo 2-0 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo.

Abafana Bes’thende nabo abayiphoxanga iKwaZulu-Natal bedlula kwiStellies eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.

Umphumela osele othinta amaqembu aKwaZulu-Natal, yilowo weMilford FC neMkhambathi FC, abazotholana phezulu koweLast 16, eMhlathuze Sports Complex, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Nakanjani amaqembu aKwaZulu-Natal azoba mane kuma-quarterfinal alo mqhudelwano, ngoba iMilford neMkhambathi abaseKZN.

Ngaphandle kowomkhaya waseKZN kwiNedbank Cup, mibili eminye imidlalo ezodlalwa ngeSonto, ukucacisa ukuthi yimaphi amaqembu azodlala kuma-quarterfinal.

I-University of Pretoria, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, izokwamukela iSekhukhune United eTuks Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

I-Jacksa Spears izotholana phezulu neVasco da Gama, eMxolisi Dicksy Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Amaqembu azogadulisana kuma-quaretfinal kwiNedbank Cup, azoqhathwa ngoMsombuluko eGoli.

Maningi amathuba okuthi amaqembu aKwaZulu-Natal aphinde abhekane wodwa (njengoba esele emane kwiNedbank Cup) okungaqinisekisa ukuthi nakanjani likhona elidlulela kowandulela owamanqamu.