EzakamuvaIbholaiNedbank Cup

UJose Riveiro fisa benze umsebenzi omuhle onompempe kwidabhi yaseSoweto

By Sbongs Gumbi

Ukuqeda imidlalo emibili edlule yedabhi yaseSoweto ingasaphelele i-Orlando Pirates kumhlezi kabi umqeqeshi uJose Riveiro.

Emdlalweni weligi wakamuva, iPirates yaqeda ingasaphelele sekunomdlali okhishwe ngekhadi elibomvu. 

U-Innocent Maela wakhishwa ngekhadi elibomvu esiwombeni sesibili kodwa kwathi uma sekubhekisiswa isinqumo sikanompempe kwavela ukuthi waba nexhala. 

Ngaphambi kokukhishwa kukaMaela, unompempe wathalalisa ngesikhathi umgadli weKaizer Chiefs uChristian Saile elimaza kabi yena uMaela.

Uma sekubhekisizwa lezi zinqumo, kwavela ukuthi uSaile kwakumele akhishwe ngekhadi elibomvu ngoba wayedlale kabi kakhulu. 

Yingakho ke uJose Riveiro eveze isifiso sakhe sokuthi unompempe awubambe ngendlela efanele lo mdlalo olandelayo. 

IChiefs izogadulisana nePirates emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo 3 ntambama. 

“Emdlalweni wokugcina wedabhi yaseSoweto sadlala imizuzu engu-30 singasaphelele,” kusho uJose Riveiro kuleli viki. 

“Kodwa empeleni kwakumele kube yizo izitha (iChiefs) okwakumele iqede seyinabadlali abayishumi enkundleni ngokwenzeka ngasekuqaleni komdlalo.

“Yingakho ke ngithi nomsebenzi kanompempe emidlalweni yalolu hlobo ubaluleke kakhulu. 

“Ngethemba ukuthi unompempe ozophatha lomdlalo ozayo uzoba sezingeni ngoba kule midlalo emibili yedabhi edlule izinga lonompempe belingelihle. 

“Yilokho engikulindele, umdlalo onobulungiswa, kudlalwe kahle kungenakwenzelela futhi ngethemba ukuthi ngelami iqembu elizojabula ekupheleni komdlalo.”

Kuzobe kungokwesine uJose Riveiro edlala lo mdlalo obhekwe ngabomvu ezweni lonke – kodwa owesithathu osemthethweni.

Kwemibili esemthethweni ukhale ngaphansi njengoba iChiefs izixebulele amaphuzu ayisithupha kwiPirates kwiligi kule sizini. 

UJose Riveiro nokho wayishaya iChiefs kwiCarling Cup ngoNovemba, okuwumqhudelwano ongabhalisiwe njengosemthethweni. 

 Lo mqeqeshi odabuka eSpain uvumile ukuthi  le midlalo edlule beyingekho ezingeni futhi beyingajabulisi neze. 

“Yomithathu imidlalo edlule esiyidlale neChiefs beyifana futhi kwakumele iphele zibambene ngo 0-0 nje. 

“Yayingemihle neze kubalandeli, yilokho okubi. Ayengekho amathuba okushaya amagoli kanti nezigameko ezijabulisayo zazingekho. 

“Yingakho kwidabhi elandelayo ngifuna iPirates idlale kangcono. Yilokho engingakwazi ukukulawula. 

FUNDA NALA: Kufufusa umbango ngoRanga Chivaviro weMarumo Gallants

“Ngifuna sidlale ngokuzimisela. Uma seingenza lokho, nginesiqiniseko sokuthi sizoyithola le njabulo esiyifunayo. 

“Khona kuzoba wumdlalo onzima kuwo womabili amaqembu ngoba ngowandulela owamanqamu. Kuzoba nezigameko.”