Ushiye isigubhukane uTebogo Motlanthe kwiSafa, ibamba iyayeka lenhlangano
By Sbongs Gumbi
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli ithi akukho okubi phakathi kwayo noTebogo Motlanthe osulile esikhundleni sokuba yisikhulu esiphezulu.
UMotlanthe ushiye isigubhukane njengoba efake incwadi yokuthi uyashiya ngoLwesihlanu kusihlwa.
Izizathu zokuthi ashiye uMotlanthe bezingakaziwa kodwa iSafa ithi izozivezela umphakathi ngeSonto kusihlwa.
“ISafa ithole incwadi evele ku-Advocate Tebogo Motlanthe ethi useyashiya kule nhlangano abeyisikhulu esiphezulu kuyo,” sifundeka kanje isitatimende seSafa.
“ISafa isibize umhlangano ophuthumayo ozoba ngeSonto likaMeyi 7 futhi ulwazi oluthe xaxa luzokhishwa ngemuva kwalo mhlangano.
“Umengameli weSafa uDanny Jordaan uzohlangana noTebogo Motlanthe namuhla ngoMgqibelo kusihlwa ukuxoxa ngalokhu.
“Okuzovela engxoxweni yabo kuzothulelwa umphakathi ngeSonto kusihlwa ngemuva komhlangano ophuthumayo lo obiziwe.”
ISafa iphinde yaveza ukuthi iyaqhubeka nezinhlelo zayo zokucela ukuba iNdebe yoMhlaba yabesifazane ka-2017 ibe kuleli.
FUNDA NALA: UJose Riveiro fisa benze umsebenzi omuhle onompempe kwidabhi yaseSoweto
Ithe nezinhlelo zamalungiselelo eNdebe yoMhlaba yabesifazane zeBanyana Banyana zizodingidwa kulo mhlangano.

