EzakamuvaIbholaiNedbank Cup

U-Arthur Zwane uthethelela abadlali beChiefs ngokuklolodela iPirates

By Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi abadlali bakhe babengaqonde khona ukweya i-Orlando Pirates ngesikhathi bejabula uma bethola ukuthi bazodlala nayo. 

Abadlai beChiefs bagxuma babheka phezulu begiya ngemuva kokuqhathwa nePirates emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup. 

Abaningi bakubona kuwukuyeya iPirates lokhu kodwa u-Arthur Zwane uthi babekhombisa umdlandla nje wokuthi bazimisele ukubhekana nanoma ubani ubekwa phambi kwabo. 

“Cha, angicabangi ukuthi kwakuwukuzethemba ngokweqile. Ukujabula kwakusho ukuthi siyithatha kancane iPirates,” usho kanje u-Arthur Zwane. 

“Noma ngabe sasinikwe liphi iqembu, sasiyokwenza okufanayo… Kwakungekhona ukujabula kodwa kwakuwumlayezo wokuthi ‘abeze sibalindele’. 

“Lona phela umdlalo omkhulu eNingizimu Afrika ngoba sisuke sidlala nezitha zethu ezindala. 

“Usuke ufuna abadlali bawakhiphe wonke amangwevu ngoba yithuba elihle leli lokukhombisa izwe amathalente abo. 

“Cishe bekume yonke into kuleli kubukwa lo mdlalo… Ubani ke ongeke akujabulele ukudlala kulowo mdlalo?  

“Khona kube yishwa ukuthi ekugcineni kube yithi esihlulwayo,” kuchaza u-Arthur Zwane. 

Iqembu lakhe seliphenduke inhlekisa njengoba kuthiwa laqala ngokugcinwa ngakho okuwukujabula kungakadlalwa. 

IPirates ivulele isibhaxu njengoba inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo sekusesikhathini esengeziwe kulandela ukuthi uphele zibambene ngo 1-1.

Igoli lePirates lingene ngesiwombe sokuqala ngesikhathi uKermit Erasmus eqedela ibhola eligotshwe uSaleng. 

Ngemuva kwalokho iPirates beyisidlala ngokukhululeka, yazi ukuthi ingcindezi isingale kwiChiefs. 

IChiefs izamile ukubuya kulo mdlalo kwawukuthi izinto azivumi ukuhlangana kahle. 

Esiwombeni sesibili yiyo ebihamba phambili ngomdlalo, futhi ibuya iphindelela emapalini ePirates kwawukuthi iminyakazo yayo ayihlangani kahle. 

Nokho ibivele iphelelwe amaqhinga uma seyisondela emalini, ifice izitobha zePirates ziphapheme. 

Kodwa ngomzuzu ka-79 ngesikhathi uDillon Solomons eshaya iphasi kanokusho, kwaqhamuka uYusuf Maart wayiqedela, walibeka enethini.

FUNDA NALA: Ushiye isigubhukane uTebogo Motlanthe kwiSafa, ibamba iyayeka lenhlangano

Kube sekuba nguSandile Mthethwa oqonisekisa ukuthi akuyiwa phansi kwepali ngesikhathi engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe uNdabayithethwa Ndlondlo.

Leli goli lingene sekusele imizuzu eyisikhombisa umdlalo uphele bese kuyoqedelwa indaba phansi kwepali, kushaywe amaphenathi.