EzakamuvaIbholaiNedbank Cup

UPaseka Mako uthi bebephindiselela abalandeli kwiChiefs

By Sbongs Gumbi

Umdlali we-Orlando Pirates uPaseka Mako ujatshuliswe wukuthi bakwazile ukuphindiselela abalandeli babo kwiKaizer Chiefs eyahlekisa ngabo.

Kuyacaca ukuthi ukugiya nokukloloda kwabadlali beChiefs ngesikhathi beqhathwa ne-Pirates kwiNedbank Cup kwabaphatha kabi oPaseka Mako nozakwabo. 

Lo mdlali omfishanyana nguye obe nguMdlali oVelele ngesikhathi iPirates iwashisa iChiefs ijezi ngemuva kokuyishaya ngo 2-1 ngoMgqibelo ntambama. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uPaseka Mako ukuvezile ukuthi bebefuna ukujabulisa abalandeli babo abaphenduka inhlekisa ngenxa yesenzo sabeChiefs.

“Ngijabule ngokuthi siwinile futhi manje sesiya kowamanqamu… Sekumele sizilngiselele wona.

“Ngiyaxolisa ukukusho lokhu… Kodwa ngesikhathi beqhathwa nathi bajabula kakhulu,” kusho uPaseka Mako. 

“Lokhu (ukunqoba) sikwenzele abalandeli bethu nomndeni wonke wePirates. 

UMako uke wayovala ngakwesokudla yize eyinxele kulandela ukulimala kukaBandile Shandu ophume esethwelwe ngohlaka.

“Ngesikhathi uBandile elimala umqeqeshi uthe kumele ngiye kuloluya hlangothi ngiyodlala khona. Bekungekhona okokuqala ngidlala kwesokudla. 

“Bengingenzeli mina, bengenzela iqembu. Bekumele ngisize la ngidingeka khona ukuze sinqobe. 

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi ubengafuni ukusheshe ashintshe enzela ukuthi akwazi ukukwenza lokho uma sesikhathele. 

“Umqeqeshi uyangethemba ngoba ngiyakwazi ukubamba ibhola bese ngiyaliphasa kahle futhi. 

“U-Ashley Du Preez benoSaile bebemgijimisa kakhulu uBandile ngakho umqeqeshi ubone kungcono kuye mina ngiyosiza khona,” kuchaza uPaseka Mako.

FUNDA NALA: U-Arthur Zwane uthethelela abadlali beChiefs ngokuklolodela iPirates

IPirates seyizolinda ozonqoba phakathi kweStellenbosch FC neSekhukhune United okunguyena eyobe seyidlala naye kowamanqamu. 

Lo mdlalo wamanqamu uyoba seLoftus Stadium ePitoli ngo-Okthoba 27.