EzakamuvaiNedbank Cup

Kunyuka amathemba kwi-Orlando Pirates kubuya abebelimele

By Sbongs Gumbi

Ukululama kwabadlali abamqoka be-Orlando Pirates sekunyuse amathemba okuthi leli qembu lizokwazi ukunqoba indebe yesibili kule sizini. 

I-Orlando Pirates izogadulisana neSekhukhune United emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ntambama. 

Izobe seyihlome iphelele ke njengoba ibika ukuthi abadlali abebelimele sebeluleme futhi bakulungele ukudlala. 

Abanye bebemisiwe emdlalweni odlule kanti manje sebebuyile kodwa ukhona oyedwa obe neshwa lokumiswa kulo mdlalo.

“Umdlali wasesiswini uMakhehleni Makhaula nguye kuphela okunesiqiniseko sokuthi ngeke adlale kulo mdlalo,” kusho i-Orlando Pirates esitatimendeni.

“Lokhu kulandela ukuthi ethole ikhadi lakhe lesine eliphuzi ngesikhathi sibhekene naMaZulu ngakho umisiwe umdlalo owodwa.

“Isitobha uTapelo Xoki yena kungenzeka abuyele endaweni yakhe eqenjini njengoba yena esesiqedile isigwebo sakhe. 

“AmaBhakhaniya azophinde aqiniswe nawukubuya kukaThabang Monare  ongazange adlale eThekwini kodwa obesejima neqembu njengoba lilungiselela lo mdlalo omkhulu. 

“Abanye abangase baqale lo mdlalo ngokaputeni u-Innocent Maela noThembinkosi Lorch, njengoba bobabili bebuyile emdlalweni wethu noSuthu bengena ngesiwombe sesibili. 

Uma kugcina kunqobe yona i-Orlando Pirates kulo mdlalo kuzobe sekuyindebe yayo yesibili njengoba ivele ineMTN8 emxhakeni wayo. 

Nokho kuzomele izibambe ziqine kwiSekhukhune nengoba nayo inabadlali abanamava futhi iyifuna la le ndebe. 

Kubadlali abanamava singabala uSibusiso Vilakazi, Edwin Gymah, Kamohelo Mokotjo noDaniel Cardoso.

FUNDA NALA: Mathathu agaqele u-Erick Mathoho obekhuhla ibhentshi kwiChiefs

Ivele ke iSekhukhune isizodlala kwiCaf Confederation Cup kanti izofuna ukuya kulo mqhudelwano iphethe indebe ngesandla. 

Lokhu kungenxa yokuthi iPirates yona seyithathe indawo yayo kwiCaf Champions League okusho ukuthi iqembu edlala nalo owamanqamu kwiKe Yona yilo eliya kwiConfed Cup.