EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UJose Riveiro no-Iqraam Rayner badle umhlanganiso kweyePSL

By Intatheli yeMpempe

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro nguye obe nguMqeqeshi oVelele kwiDStv Premiership ngenyanga ka-Ephreli. 

Lo mqeqeshi odabuka eSpain wenza umsebenzi omuhle kanti kuthiwe bonke abebesethimbeni eliqokayo nelivotayo bahambe naye. 

“Umqqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uyivala ngendlela ayivula ngayo isizini njengoba edle unhlanganiso emklomelweni woMqeqeshi weNyanga u-Ephreli.

“Uwawole wonke amavoti ethimba ebelikhetha elakhandwe ngababhali bebhola, abasakazi nabahlaziyi,” kusho iPSL esitatimendeni sayo. 

“Ngokwesibili ke le nsizwa yaseSpain sekungokwesibili njengoba ayithola le ndondo nangenyanga yakhe yokuqala kuleli ngo-Agasti.

“Lo mqeqeshi wePirates okhulumela phansi uklonyeliswa nje kulandela ukuthi iqembu lakhe libe sefomini enhle, liyiwine yomine midlalo yalo kule nyanga.”

IPirates ishaye iRichards Bay, yalandelisa ngeChippa, kweza iCape Town City yabe seyivala inyanga ngeTS Galaxy.  

UJose Riveiro ubeyibanga noSteve Barker weStellenbosch FC noRaymond Mdaka weMarumo Gallants. 

Lo mqeqeshi usalelwe yimidlalo emithathu ngaphambi kokuphela kwesizini kanti ingase iphele enezindebe ezimbili emxhakeni. 

Uvele wawina iMTN8 efika nje kanti manje usengene kowamanqamu kwiNedabank Cup kulandela ukuwashisa iKaizer Chiefs ijezi. 

IPirates izobhekana neSekhukhune United ngempelasonto, bese isonga isizini emidlalweni yeligi ngomdlalo waMaZulu FC. 

Iyobe seyidlala owamanqamu kwiNedbank Cup la iyobhekana khona neSekhukhune eLoftus Versfeld ngoMeyi 27.

Kubadlali kuqokwe u-Iqraam Rayners weStellies. Lo mgadli ubuyele kuleli qembu ngoJanuwari. 

URayners nguyena kuphela umdlali odlala phakathi osathole lo mklomelo kule sizini njengoba bewudliwa onozinti kusukela iqalile. 

FUNDA NALA: Isililo kushona u-Alex Shakoane weMamelodi Sundowns

Ngenyanga ka-Ephreli, uRayners ushaye amagoli amane emidlalweni emibili. Le ndondo ubeyibanga noKabelo Dlamini wePirates, Khanyiso Mayo weCape Town City noRanga Chivaviro weMarumo.