EzakamuvaIbhola

Isililo kushona uClive Barker owayecija iBafana Bafana

Sbongs Gumbi

Umndeni womqeqeshi owazakhela ugazi kubalandeli kuleli enqona i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996, uClive Barker usukuqinisekisile ukuthi usedlulile emhlabeni. 

Bese siside ke nokho isikhathi exinekile lo mqeqeshi oke wacija AmaZulu, Black Aces namanye amaqembu phambilini. 

Waduma kakhulu ngendlela yakhe yokujabula yokulula izandla sengathi amaphiko endiza bese egijima uma iqembu lakhe lishaya igoli.

“Kuyindumalo enkulu ukuthi umndeni wowayeqeqesha iBafana Bafana uClive Barker umemezele ukuthi ushonile ngoMgqibelo, kaJuni 10 ngemuva kokulwa kngobuqhawe nesifo seLewy Body Dementia (LBD).

“UClive Barker, obeneminyaka engu-78, wahola iNingizimu Africa inqoba isicoco sezwekazi i-Africa Cup of Nations ngo-1996. 

“Nguye futhi owahola izw engesikhathi lingena okokuqala eNdebeni yoMhlaba eyayiseFrance ngo-1998. 

“Ukhunjulwa ngabalandeli ezweni lonke futhi lokhu kuhlale obala ngokweskewa esikutholile ngesikhathi exinwa wukugula,” beyifundeka kanje ingxenye yesitatimende somndeni.

Abomndeni babonge ukwesekwa akutholile uClive “The Dog” Barker kulezi zinsuku zakhe zokugcina emhlabeni.

“Sidlulisa ukubonga kodokotela abebemelapha kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule,” kusho umndeni. 

“Uzamile ukulwa eziqinisa, futhi sesikhululekile ngokuthi usephumule manje.  UClive uzokhunjulwa ngabantu baseningizimu Afrika ngokusiza ekuhlanganiseni isizwe ngo-1996. 

“Kodwa kithi ubengubaba, umkhwenyana, ubaba nomkhulu futhi uzohlala ekhumbuleka.” 

Imininingwane ngenkonzo yokumkhumbula neyomngcwabo izobuye ikhishwe yiwo umndeni ngokuhamba kwezinsuku. 

FUNDA NALA: Sixoxe nabagijimi abane ababhekiwe kwiComrades Marathon

Impempe idlulisa ukubonga kuqala kuye uBarker ngomsebenzi omuhle awenzele isizwe bese sithu emndenini nabangani nezihlobo enga uMdali engabaduduza.