Uzovalelisa ngowomkhaya kubalandeli beChiefs uKhune?
SIHLE NGUBO
Sesigcine siphelile isigwebo sika-Itumeleng Khune obese kunesikhathi engazimbandakanyi neKaizer Chiefs.
Lo nozinti onamava sekuqinisekisiwe ukuthi usengabuyela eqenjini, aziqeqeshe nabanye abadlali.
U-Itumeleng Khune umiswe yiChiefs kulandela ukufika ejimini enuka utshwala.
Le senzo saholela ekutheni aphucwe ibhande likakaputeni.
Ngaphezu kwalokho wayalelwa ukuthi alandele uhlelo oluthile ukuze abuyele eqenjini esengumuntu ongeke aphinde enze iphutha elifanayo.
IChiefs ayizange ichaze ukuthi uKhune ubezohlala isikhathi esingakanani engazihlanganisi neqembu.
Ukuhamba kakhulu kwesikhathi kungashiwo lutho, bese kusolisa nokuthi kuzophela isizini lo nozinti engaphindanga wadlalela iChiefs.
Inkontileka kaKhune iyaphela ngoJuni nonyaka futhi mancane amathuba okuthi iChiefs iyivuselele.
NgoMgqibelo iChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngo-3-30 ntambama.
FUNDA NALA: Kushone oyedwa engozini yebhasi leTS Galaxy
Akwaziwa noma umqeqeshi, uCavin Johnson, angamangaza abaningi yini ngokufaka uKhune ezintini, avalelise ngokudlala owomkhaya kubalandeli beChiefs.

