URiveiro uchaza ubunzima bokuba nezihlabani eziningi kwiBucs
Njabulo Shezi
I-Orlando Pirates ngelinye lamaqembu abophele abadlali abasezingeni elihle kwiDStv Premiership kule sizini kanti lokhu kuyamjabulisa, kubuye kumxake umqeqeshi uJose Riveiro.
Njengamanje iPirates idlala ibhola elihle elihlaselayo elinomjiko phakathi yize ezinye zezihlabani zayo zingakadlali ngenxa yokulimala.
Abadlali abafana noVincent Pule, Miguel Timm noThembinkosi Lorch abakabuyeli eqenjini ngokugcwele.
Kodwa noma kunjalo leli qembu lihlangene kamnandi futhi lishiya abalandeli besafisa ukulibuka uma lidlala. Namagoli liyawaqhulula linjalo nje.
Ebuzwa ngokusebenza ngabadlali abasezingeni abaningi ngale ndlela, uJose Riveiro uthe yinto enzima, kodwa emjabulisayo.
“Akubuzwa, kunzima. Kodwa ke sengikusho kaningi ukuthi ngizizwa nginenhlanhla,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSpain.
“Ngiyakuqonda ukuthi kuyenzeka abadlali kwesinye isikhathi bengaphatheki kahle (ngokungadlali).
“Kodwa okuhle wukuthi bonke bayawuhlonipha umsebenzi.
“Bayakuqonda ukuthi badlala kwiPirates, iqembu elinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu.
“Siyazama ukubanika ithuba ngokungenzeleli. Siyazama ukuthi siqoke iqembu elizosilwela kulowo nalowo mdlalo.”
Uthe ikhanda liphithana kakhulu kuye uma sekusondela izinsuku zemidlalo, sekumele aqoke abadlali abangu-11 azoqala ngabo lowo mdlalo.
“Uma ungumqeqeshi, kuba nzima uma sekusondele usuku lomdlalo. Ucabanga ngokuthi uzoliqoka kanjani iqembu ukuze kungabi khona izikhalo.
“Ngiyazi ukuthi ngeke ngibe nokungenzeleli ngokugcwele. Angibaqoki abadlali ngokuthi ngiyabathanda noma angibathandi.
“Ngiyazama ukungenzeleli, ngicabangele umdlalo ozayo ukuthi ngingaqinisekisa kanjani ukuthi iqembu lidlala kahle,” kusho yena.
UJose Rivieiro uzobe engenabo abadlali bakhe abayisikhombisa abaqokelwe emaqenjini esizwe njengoba kuyikhefu lemidlalo yeFifa nje.
ONkosinathi Sibisi, Monnapule Saleng, Innocent Maela Zakhele Lepasa noThabiso Monyane babizwe kwiBafana.
UDeon Hotto ubizwe kwiNamibia. URichard Ofori naye usebuyele eqenjini lesizwe laseGhana.
FUNDA NALA: I-Arrows yamukele ukwesula kukaVilakazi, kodwa dololo ukumbonga
IBafana izodlala neNamibia neCR Congo emidlalweni yokuzwana amandla ezoba se-Orlando Stadium ngoSepthemba 9 nangoSepthemba 12.