Isijike endleleni iBlack Leopards, ayisayi ehlathini elimnyama
By Njabulo Shezi
Sekuvele imibiko ethi izinyembezi zabalandeli bebhola kuleli abebelila ngokudliwa yizembe kweBlack Leopards zizosheshe zisuleke.
Kuthiwa leli qembu ngeke lisaya kodlala kwi-ABC Motsepe League yize lidliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngokubika kwe-Idiski Times, iBlack Leopards iyabuya kwiChampionship ngesizini ezayo.
Izobe isebenzisa isitifiketi se-All Stars, bese ijika igama libuyele kwelayo kulandela ukusithenga lesi sitifiketi.
Bekuvele kuke kwanemibiko ethi abaphathi be-All Stars bafuna abazoyithenga ngoba sebesindeka yizindleko zayo.
Ngokwalombiko oshicilelwe ngoLwesithathu ntambama, sekuqedwe konke phakathi kwabaphathi beBlack Leopards nabe-All Stars.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi i-All Stars seyidayisele iBlack Leopards isitifiketi sayo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Bacabanga ukubagcina abadlali be-All Stars abakhona njengamanje futhi basazoxoxisana nomqeqeshi (uSinethemba Badela).”
I-All Stars ayibanga nesizini embi kwazise bekungeyokuqala futhi izinhlelo zayo yaziqala sekusele kancane isizini iqale.
Impempe yake yabika ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi kwathi kusele amaviki amabili iqale iligi, leli qembu labe linabadlali abayisithupha.
Ngaleso sikhathi lalisizwa nguMorgan Mammila ukuthola abadlali kodwa naye wabuye washiya phansi, wabuyela kwiChippa United.
Lezi zindaba zokubuya kweBlack Leopards zizowujabulisa kakhulu umphakathi waseVhembe, eVenda njengoba uzifela ngaleli qembu lawo.
Lingelinye lamaqembu anomlando omuhle ebholeni lakuleli futhi linabalandeli abathembekile abagcwala phama enkundleni uma linomdlalo.
FUNDA NALA: Izohlehlelwa yiNelson Mandela Bay iChippa uma kukhala izembe
Izindaba zokubuya kwayo cishe zizoqinisekiswa ngokuhamba kwezinsuku kwazise isasalelwe wumdlalo owodwa wale sizini.
Izobhekana nomkhaya bayo iVenda Football Acadeny ngeSonto ntambama.