U-Itumeleng Khune ungena ezintangeni ngekusasa lakhe kwiChiefs
By Sbongs Gumbi
Uvele wacasha ngesithupha u-Itumeleng Khune uma kubuzwa ukuthi ngabe usekulungele yini ukuwagaxa emgibeni amagilavu akhe.
Lo nozinti othandwa kakhulu ngabalandeli kwiKaizer Chiefs wehlelwe yifomu ngendlela exakayo kule minyaka embalwa edlule.
Kule sizini nje ijezi ulizwa ngendaba njengoba sekubusa uBrandon Petersen ezintini zeChiefs.
Uke walinikwa ithuba bebhekene neSekhukhune United emdlalweni weligi muva nje, izinto zambhimbela behlulwa.
U-Itumeleng Khune uzophelelwa yinkontileka uma kusongwa le sizini futhi uthi usekulungele ukuthatha noma yisiphi isikhundla kuleli qembu.
Ukusho lokhu engxoxweni abe nayo noRobert Marawa kwiMarawa Sports Worldwide kuleli viki.
Kodwa kuthe uma sekumele acacise ngokuthi uchaza ukuthini ngokuthi uselungele nima yisiphi isikhundla, wangena ezintangeni.
“Okubalulekile njengamanje wukuthi iqembu ngilisiza ngani nsukuzonke uma ngisenkundleni nangaphandle.
“Iqembu lizongiklomelisa (ngenkontileka) ngokubheka lokho,” usho kanje u-Itumeleng Khune.
“Ngakho uma iqembu lithi, ‘hhayi Itu, sesizwile ngawe, siyakubonga ngosenzele khona’, futhi uma kufanele sihlukane, kuyokwenzeka kanjalo.
“Leso kuyoba yisinqumo seqembu. Kodwa uma bethi, ‘Itu, sifuna ukukugcina kodwa sikunike omunye umsebenzi’, ngokwamukela lokho ngoba kuningi iqembu elingenzele khona.
“Ngakho uma kumele ngiye koqeqesha, ngiyohlala phansi nonkosikazi sibonisane ngokuthi ngisangakwazi yini ukuqhubeka nokudlala.
“Kuningi okuyomele sikubheke, sixoxe ngakho,” kuchaza u-Itumeleng Khune oneminyaka engu-35.
Ngokweminyaka lo nozinti usemncane kwazise onozinti badlala baze badlule ku-40 futhi naye useke washo ukuthi yisifiso sakhe leso.
Nokho ukulimala njalo sekuke kwamenza wangabe esalithanda ibhola njengoba ake azivumela yena kuGavin Hunt esaqeqesha iChiefs.
Uvele ke useziqalile izifundo zokuqeqesha onozinti u-Itumeleng Khune okwenza kubonakale esezimisele ngalo msebenzi kunokudlala.
FUNDA NALA: Isijike endleleni iBlack Leopards, ayisayi ehlathini elimnyama
Kodwa kuthe uma ebuzwa ukuthi ngabe ngalokhu uqonde ukuthi usengaliyeka ibhola manje, wabamba wayeka.
“Cha… Angikakakulungeli ukuthatha umhlalaphansi. Lutho angikulungele neze. “Okwamanje asikaqali ukuxoxisana neqembu.
“Okubaluleke kakhulu wukuqedela isizini ngokuthi sidlale kahle kule midlalo esele. Ilapho la ngigxile khona okwamanje.”