Unozinti weDowns ushiye amazwi agqugquzela unozinti weChiefs
SIHLE NGUBO
Unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uthi umsebenzi wonozinti unzima kakhulu futhi bagxekwa mihla namalanga ngokwenza amaphutha nokudedela amagoli.
Usho lokhu ngemuva kokuthi eqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iSundowns ishaya iMilford FC ngo 2-0 koweBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku.
Amagoli eSundowns ashaywe u-Iqraam Rayners, ngesiwombe wokuqala, no-Antonio van Wyk ngesesibili.
UWilliams kwayena useke wagxekwa ngokudedela amagoli kalula, ikakhulukazi ama-free kick, selokhu kuqale isizini entsha.
Omunye unozinti onengcindezi enkulu uBrandon Petersen, weKaizer Chiefs, obevimba kahle ngesizini edlule kodwa manje usenza amaphutha imidlalo ilandelana.
“Siyazi sonke ukuthi ukuba unozinti kunzima kanjani, umsebenzi (omkhulu) okumele siwenze njengonozinti,” kusho uWilliams kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“KwiSundowns siyayinqoba imidlalo kodwa onozinti bayagxekwa ngoba sidedela amagoli amaningi, futhi siyazi ukuthi kunzima kanjani ikakhulukazi ngendlela esifuna onozinti bethu badlale ngayo.
“Kungaba lula kimina kuvele ngime kulayini ngibe unozinti ohlala kulayini, kodwa akuyona into elindelekile leyo eqenjini elifana neSundowns.
“Ngihlale ngiyingxenye (yomdlalo) futhi lo mklomelo owonozinti bethu. Ukugxekwa esikutholile siyazama ukuqhukela phambili futhi ngikhuluma ngeligi yonke.
“URicardo Goss ngifisa enze kahle. Ngifuna uSipho Chaine aqhubeke nomsebenzi omuhle, ngiyaziqhenya ngonozinti bethu futhi ngibagqugquzela ukuthi baqhubeke nokwenza kahle.
“UBrandon Petersen ubenza kahle kakhulu ngesizini edlule kodwa njengamanje ubhekene nesimo esinzima.
“Yinto ezodlula futhi kumele aqhubeke nokusebenza kunzima.
“Siyishintshile indlela ababukwa ngayo onozinti ngakho ngiyajabula. Lo mklomelo owabo bonke onozinti.”
Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership iSundowns izobhekana neLamontville Golden Arrows, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.
La maqembu agijimisane kwakuncane indawo emdlalweni weMTN8, ogcine unqotshwe yiDowns ngo 3-2 khona eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto.
Ukunqoba kweSundowns, noma ukudlala ngokulingana ne-Arrows, kuzoyinyusela esicongweni selogi yeBetway Premiership.
I-Orlando Pirates izobe idlala umdlalo wokuhlunga weCAF Champions League ngeSonto, ngakho ngeke idlale kwiBetway Premiership.

