EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

IMaritzburg United kumele yenze izinguquko ezinqala – Ndlovu

By Sihle Ngubo

Kungenzeka kuphele impelasonto iMaritzburg United seyidliwe yizembe njengoba kuzodlalwa imidlalo eyandulela eyokugcina yeligi ngoMgqibelo ntambama.

IMaritzburg United izobhekana neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

Inhlansana yethemba ingaba khona kuphela uma ingawuwina lo mdlalo bese iChippa United ishaywe yiTS Galaxy. 

EzikaFadlu Davids zizoya kulo mdlalo zinamaphuzu angu-26 kanti ziyibambe emsileni kwilogi yePremiership.

Ukushaywa kulo mdlalo kuzosho ukuthi sekuphele nya ngokudlala kwiligi ephezulu kuleli qembu likaFarook Kadodia ongusihlalo. 

Lokhu kuzosho ukuthi iTeam of Choice izodlala neMamelodi Sundowns ngoMeyi 20 seyiyoqedela nje ngoba noma iwinile kuyobe sekungasho lutho.

Noma kunjalo kodwa uSandile “AK 47” Ndlovu, owake wayidlalela iMaritzburg United, ubona ukuthi kumele kube noshintsho kuleli qembu laseMgungundlovu.

“Sekuyisizini yesibili kulandelana kwenzeka lokhu. Nangesizini edlule bekuyilesi simo, ngakho kumele kube noshintsho eqenjini,” kusho uNdlovu owake wayibamba nakwiSundowns.

“Ngiyazi ukuthi abantu abaseqenjini banothando lweqembu. Kodwa konke lokho akusizi ngalutho uma iqembu lingayitholi imiphumela.

“Usihlalo kumele alwenze ushintsho eqenjini, mhlawumbe aqinise ethimbeni labaqeqeshi noma kungathiwa iqembu alisindanga ezembeni.”

ITeam of Choice ingadliwa yizembe noma iyiwine yomibili imidlalo yayo esele ngoba amaqembu angaphezu kwayo (iChippa United neMarumo Gallants) anamaphuzu angu-29. 

FUNDA NALA: Ubona ikhono elifihlakele kwabesimame basemakhaya uBongumusa Mthembu

Uma la maqembu ewina imidlalo yayo esele kuyobe sekushile kwiTeam of Choice. 

Empeleni nje amathuba okuthi iMaritzburg United ilibalekele izembe mancane kakhulu ngoba namagoli ayayiphikisa.