UBobby Motaung: Sizomshoka uZwane la sibona eshoda khona
By Sbongs Gumbi
Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung useveze ukuthi kungenzeka baliqinise ithimba labaqeqeshi ngesizini ezayo uma bebona ukuthi u-Arthur Zwane uyakudinga lokho.
UBobby uvumile ukuthi bayakubona ukusindeka okukhona ethimbeni eliqeqeshayo njengamanje, wathi kodwa konke kuyocaca kahle ekupheleni kwesizini.
Izikhulu zeChiefs sezikusho kaningana ke ukuthi zisameseka uZwane futhi ngeke ephucwe lo msebenzi ngoba usawenza ngale ndlela ababona kuhamba kahle ngayo.
UBobby uthi kuwumsebenzi wabo njengabaphathi beqembu ukumesekela uZwane, baqinise lapho ebona kuxega khona.
“Kumele sibeseke. Asibabekanga kulesi sikhundla ngoba sibacuphile ukuthi behluleke,” usho kanje ekhuluma nabeRadio 2000 ngoLwesihlanu ntambama.
“Sibabekele ukuthi sibasize baththuke baphumelele, baphucuke njengabaqeqeshi.
“Uma sesibheka kahle okwenzekile ekupheleni kwesizini, yilapho sizobona khona ukuthi kumele siqinisephi, sibasize kuphi.
“Nathi siyafunda kulezi zinselelo esibe nazo kule sizini futhi sizoqiniseka ukuthi siyaqinisa lapho kushoda khona.
“Lokho sizokwenza kubaqeqeshi nakubadlali,” kuchaza uBobby obuye angathandwa kahle ngabalandeli.
Uhlale esolwa ngokuthi ulukhuni nemali, akafuni ukuthenga abadlali abasezingeni elifanele leli qembu.
Ingxenye yabalandeli beChiefs ivele ibona esindeka kakhulu uZwane kulo msebenzi anikwe wona bekhala ngokuthi ushaywa amava.
FUNDA NALA: Kutatazela nogqihile kwi-Championship, isicoco sihamba noR-Million
Ngokokuqala uZwane ephethe iqembu elikhulu ngokugcwele kanti uma ubheka la iqembu likhona, isimo asisibi kakhulu.
Kodwa abalandeli babona kungcono uma kungatholakala umqeqeshi osenamava azolekelela uZwane.
Abaningi ke bafuna kuthathwe uManqoba Mngqithi uma kuwukuthi uyakhululwa kwiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini.