IDurban City seyiphinde yaxosha omunye umqeqeshi
SIHLE NGUBO
Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa iDurban City ixoshe obengumqeqeshi uGavin Hunt, seyiphinde yakhomba indlela uDaine Klate obecija iqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC).
UKlate, owake wayibamba kwiSuperSport United ne-Orlando Pirates, uqashwe yileli qembu laseThekwini ngoJulayi ukuthi azohola iqembu leDCC.
Kukholakala ukuthi uHunt, okwaziwayo ukuthi uxhumene noKlate ayemqeqesha kwiSuperSport neBidvest Wits, uyena owayenxenxe iCity ukuthi imqashe kwiDDC.
Kusobala ukuthi ukuhamba kukaHunt yikona okwenze abaphathi beCity bathatha isinqumo sokuthi inqola ayihambe noseyili.
Njengamanje iCity isendaweni ka-13 kwilogi yeDDC ngemuva kwemidlalo engu-13, kanti inamaphuzu angu-13.
Ngemuva kokuhamba kukaHunt eshaywe yiPirates ngo 2-0, iCity ibeke uPitso Dladla njengomqeqeshi obambile, ize ithole omunye umqeqeshi.
Leli qembu likaFarook Kadodia lidlale umdlalo wokugcina wonyaka ngoLwesithathu, lapho libhaxe khona i-Orbit College ngo 3-0.
Ekuqaleni kwesizini iCity imangaze abaningi ichitha uSimo Dladla, okunguyena oyinyusele kwiBetway Premiership.
Leli qembu lidle umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship, ngaphansi kukaDladla elingabange lisamgcina.
Esitatimendeni liveze ukuthi alizange livumelane noDladla ngezinto ezithile, okusolakala ukuthi yimali.
Nakanjani bekumele ihluke imali ebizoholwa yilo mqeqeshi njengoba iqembu selidlala esigabeni esiphezulu, esikhokhela kangcono.
Ngaphandle kokuchitha uDladla oyinyusile, iCity iphinde yakhomba indlela inqwaba yabadlali abasebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi iqembu liba ompetha beChampionship.
Kwavela ukuthi inqwaba yabadlali yakhishwa kwiGroup yeqembu kuWhatsapp, kanti iningi labadlali beziphela izinkontileka zabo ngoJuni.
Abadlali abangabange besabuyela kwiCity uDumisani Msibi, uSanele Gaxa, uSiyavuya Ndlovu, uJoslin Kamakuta…
UMusa Nkosi, uMbuso Mdakane, uMphakamiseni Nene, uVictor Bakah…
UXolani Slawula, uSifiso Mbidane, uRuzaihg Gamaldien noSiphamandla Nzuza.
Kuzohlaluka maduze ukuthi yimuphi umqeqeshi ozonikwa isikhundla sokuqeqesha iqembu esikhulu, nalowo ozocija elidlala kwiDDC.

