Ikhuza ibhadi imenenja ngokuthiwa usayine kwiBucs
Imenenja kaDarrel Matsheke, uGerald Baloyi seyiyichithile imibiko egcwele ezinkundleni zokuxhumana ethi lo mdlali usesayinile kwi-Orlando Pirates.
UMatsheke ngomunye wabadlali abebemataniswa nePirates ngesikhathi kuvulwe iwindi lokusayina abadlali ngoJanuwari.
Impempe ihlangane nalezi zindaba kwesinye isiteshi seYouTube la uMatsheke ubegqokiswe nomfaniswano wePirates kuthiwa useqede konke nayo.
Ibe seyithinta imenenja yalo mdlali weStellenbosch FC ukuba icacise ngalezi zindaba ezinhle kangaka kulo mdlali okhuliswe yiKaizer Chiefs qede yamlaxaza.
“Hhayi, angikwazi mina lokho, ukuzwephi wena lokho,” kusho le menenja ngokwethuka uma ibuzwa lezi zindaba.
Ibe seyichazelwa, yacela ukuyoyibheka le ndaba. Ibuye izwakala ukuthi seyidiniwe kodwa izama ukuzibamba.
“Hhayi bafo abantu nje laba abafuna ukuhuha abantu ukuthi bayobheka le siteshi sabo.
“Akukho lutho olusha ngoMatsheke futhi asifuni aphazamiseke kwiStellenbosch njengamanje.
“Angiyithandi lento ngoba ingaba nomthelela omubi. Phela usemcane lomfana angaze adidiseke uma emataniswa neqembu elikhulu kangaka.”
UBaloyi ungene ezintangeni ke kodwa uma esebuzwa ukuthi ngabe bake baxoxa yini nePirates.
“Izinto ezinjalo mfowakithi azikhulunyelwa eziko ngakho ngeke ngivume, futhi ngeke ngiphike lutho.
“Lokhu ngikusho ngoba kusasa ungabe usuthi nginamanga uma sekwenzeka okunye okuphambana nengikushilo.
FUNDA NALA: UKhanye ukhala ngonompempe obambele iChiefs kwiBucs
“Ngicela siyibambe lapho bese sihlonipha amaqembu kube yiwo atshela abalandeli ngezinguquko kubadlali bawo.”

