EzakamuvaIbhola

Sekugaxele elinye iqembu lePSL kunoxhaka olimaze iRoyal AM

Elinye iqembu lePSL selingene kunoxhaka weFifa wesigwebo sokungasayini abadlali ngenxa yokulahlwa yicala lokungahambisi kahle lixosha umdlali. 

IFifa ikhiphe lesi sinqumo esidla iChippa United ngoLwesibili ntambama kulandela icala elalifakwe u-Abdi Banda. 

Lo mdlali waseTanzania. 

Lo mdlali obekwiChippa ngesizini edlule, kodwa yamxosha ngendlela angenelisekanga ngayo. 

Eshiya kwiChippa, kuthiwa kwakuvunyelwene ngokuthi iqembu lizomnxephezela ngo-R1.2 million. 

Kodwa ngokuhamba kwesikahthi kwacaca ukuthi alizimisele ukukwenza lokho, wabe eseyolimangalela kwiFifa. 

Kulapho ke izinto zifike zalibhimbela leli qembu lePSL elizinze eGqeberha e-Eastern Cape. 

“Sifisa ukwazisa zonke izinhlangothi ezithintekayo ukuthi isigwebo sokungabhalisi abadlali sesikhishiwe kusukela namuhla. 

“Ngaphezu kwalokho, ngokwalesi sinqumo esingenhla, inhlangano iqembu elingaphansi kwayo icelwa ukuba isisebenzise kusuka manje. 

“Kumele iqiniseke ukuthi iqembu, iChippa United alibabhalisi abadlali ezingeni lezwe,” kusho ingxenye yale ncwadi. 

Akuyona ke yodwa iChippa iqembu lePSL elibhekene nalesi sigwebo njengoba neRoyal AM ikuso. 

Yona yagwetshwa kulandela ukuhluleka ukukhokhela uSamir Nurkovic imali ebalelwa ku-R12 million. 

Kumanje ayikwazi ukusayina abadlali okuyinto eziphazamise kakhulu izinhlelo zayo njengoba kumanje idonsa kanzima nje. 

Ngaphambili nezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs zake zabhekana nesigwebo esifanayo ngenxa yodaba kukaHasina Adriarimarinana. 

 Akucacisekanga ke encwadini yeFifa ukuthi lesi sigwebo sizoba ngesesikhathi esingakanani, noma kuyoze kube iyayikhokha le mali. 

UBanda kumanje usemabhukwini eRichards Bay emsayine ekuqaleni kwesizini njengoba ebesededeliwe kwiChippa.

FUNDA NALA: Iyaphela indawo yomgadli omusha weChiefs?

Imizamo yokuthola ukuziphendulela kweChippa ngalolu daba beyingakaphumeleli okwamanje.