IChiefs neMan United bafana ncamashi, kusho uBenni
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weqembu lesizwe laseKenya, uBenni McCarthy, uthi iKaizer Chiefs iyizithupha ziya egwayini neManchester United, yase-England, uma kukhulunywa ngokudlala ibhola enkundleni.
UMcCarthy, owake wanqoba indebe ye-Uefa Champions League neFC Porto, uke wasebenza neMan United lapho ebecija khona abagadli, ngakho ulazi kahle leli qembu.
IChiefs neMan United amaqembu ahlonishwayo nanabalandeli abaningi kakhulu emhlabeni jikelele.
Akukho futhi ukungabaza ukuthi la maqembu aheha abaxhasi abaningi ngenxa yobukhulu nomlando wawo kunobhutshuzwayo.
Nokho muva nje izinto azihambi njengaseminyakeni edlule kula maqembu, yize abalandeli bawo bengaxebuki ekuwesekeni.
I-Man United iyazama ukubuyisa isithunzi sayo kule sizini futhi inethuba lokudlala kwiChampions League ngesizini ezayo.
IChiefs yona idlala ibhola elingacaci nokwenza kungabazeke ukuthi izodlala emidlalweni yeCAF ngesizini ezayo.
“Njengamanje kufana nokubuka iMan United (ukubuka iChiefs) ngoba manje ngingaqhathanisa ngenxa yokuthi sengike ngaba laphaya (kwiMan United),” kusho uMcCarthy oke waqeqesha AmaZulu FC, kwiDiski Times.
“Into oyibonayo ukuthi iChiefs ifana ncamashi neMan United.
“Amaqembu ebhola amahle kakhulu, anomlando omkhulu. Banabalandeli abaningi.
“Iqembu uthola ukuthi liphethwe kahle kakhulu, konke kuhlelekile, futhi banakho konke okudingayo eqenjini lebhola.
“Kodwa ngebhadi enkundleni izinto azihlangani nhlobo, kukhona nje okungaqondi, akuhambi kahle.
“Kumele bathole ukuthi yini engahambi kahle, bathole izisombululo. Uma beke bathola lokho, amanye amaqembu ngiwafisela inhlanhla.”
IChiefs izobhekana neMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Izobe izama ukunqoba umdlalo wesibili kulandelana ngemuva kokushaya iDurban City ngo 1-0 eFNB Stadium ngeSonto.
I-Man United izovakashela iBournemouth eVitality Stadium, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.
Ukunqoba lo mdlalo kuzoqinisa indawo yaleli qembu njengoba liyibambe endaweni lesithathu kwilogi ye-English Premier League (EPL).

