EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Sithebe: Sinqunyelwe ugwayi katiki ngokunqoba kwiSuperSport

By Njabulo Shezi

Ubuvumile uSiyethemba Sithebe weKaizer Chiefs ubuhlungu abuzwile ngemuva kokuwashiswa ijezi yizimbangi zabo ezindala i-Orlando Pirates kwiNedbank Cup. 

IChiefs iguqe ngo 2-1 ngempelasonto edlule kulo mdlalo owawubhekwe izwe lonke kwazise zinkunzi ezindala ebholeni lakuleli lezi ebezigadulisana. 

Manje sekumele kubhekwe phambili, ushiywe emuva lo mphumela ophoxayo, kusho uSiyethemba Sithebe odlala esiswini kwiChiefs. 

“Saphoxeka ukuhlulwa kulo mdlalo kodwa sakwenza konke okusemandleni,” kusho lo mdlali odabuka eNewcastle, KwaZulu-Natal.

“Emizuzwini engu-120, senza amaputha ambalwa kodwa ngajabula ngendlela esadlala ngokuzinikela ngayo.” 

USiyethemba Sithebe nozakwabo sekumele bakhohlwe iphupho lokuqeda indlala yezindebe manje, babheke ukuqeda endaweni yesithathu akholwa wukuthi basangayithola. 

Ukuqeda kule ndawo kuzofaka iChiefs kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo yize beyifisa iChampions League yona. 

IChiefs izogadulisana neSuperSport United eRoyal Sports Palace ePhokeng, eNorth West ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Kumele sigxile kulo mdlalo nokungas ekwenzeke kuwo. Kusangenzeka siyithole indawo yesithathu, yilokh thina badlali okumele kusikhuthaze.

“Engingakusho wukuthi sisayazi iSuperSport nokuthi idlala kanjani. Kumele sikulungele ukubhekana namabhola amade… 

“Umqeqeshi usidonse ngendlebe ngokuthi singavumi ukuhlulwa yiSuperSport noma ngabe kwenzenjani. 

FUNDA NALA: Asikawucabangi owamanqamu, kusho uBrandon Truter weSekhukhune

“Ngicabanga ukuthi uyasethemba ukuthi singakwazi ukunqoba kulo mdlalo,” kuchaza uSiyethemba Sithebe. 

ISuperSport yona isalwela indawo yesibili eyibanga ne-Orlando Pirates ezobe ibhekene neSekhukhune United ngesikhathi esifanayo. 

IChiefs seyingaqeda inamaphuzu angu-50 kuphela, iSuperSport isangayidlula iPirates iphelele kumaphuzu angu-54.