Ezinye izinsolo zokungaholi kwabeSwallows, badube ukujima
Sekuphinde kwavela izinsolo ezingezinhle ngeMoroka Swallows ebukeka iza kahle kule sizini ngaphansi kukamqeqeshi uSteve Komphela.
Sekuvele imibiko ethi leli qembu lihlulekile ukuholela abanye babadlali balo abavele banquma ukuthi bangezi ejimini ngoLwesithathu.
Ngokubika kwabeRushsportson kwi-X, eyayiza ngeTwitter phambilini, abadlali abathathu kuleli qembu abaholanga base beduba ukujima.
“Ezinye izinkinga zezimali ezilandela ezika-2022 la abadlali babengakhokhelwa imiholo yabo,” kubika abeRushsportson.
“Ngokwemithombo yethu, abadlali beSwallows oGabadinho Mhango, Ntsako Makhubela noGregory Damons abakhokhelwanga imiholo yabo. Abayanga ejimini namuhla.”
Usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa ubengakaphenduli ngalezi zinsolo njengoba aziwa ngokuthi uyashesha ukuphikisa uma kubikwa okungekhona ngeqembu lakhe.
Kodwa kulokhu kwale ngisho sekukhona abambuza bukhoma, wazizibela nje ngalokhu.
Abanye bathe yingakho esevele wavuma nokuhlehlisa umdlalo wezakhe neMamelodi Sundoowns ngoba azi ukuthi abadlali abaholile.
ISwallows ihlehlise umdlalo weligi obekumele iwudlale neSundowns kule mpelasonto njengoba sewuyoze udlalwe ngoDisemba 27.
UMhango noMakhubela bafike kule sizini kwiSwallows futhi bangabanye babadlali abenza kahle kakhulu.
Izinsolo zalolu hlobo zivamise ukuliphazamisa iqembu. Futhi uma ziyiqiniso, sekomele iPSL nenyunyana yabadlali bakusukumele lokhu.
FUNDA NALA: UMartin waMaZulu ubabaza uhubhu lukabhejane kuMammila
Phambilini oThabo Matlaba noTebogo Langerman banquma ukushiya kuleli qembu ngenxa yakho ukungaholelwa.