Ezakamuva

BUKA: Indodakazi kaSenzo Meyiwa ifuze yena ngebhola

By Njabulo Shezi

Ividiyo yendodakazi kaSenzo Meyiwa idlala ibhola seyijabulisile kwabanye, yabathunuka abanye njengoba ibakhumbuza lo nozinti osewashona. 

USenzo Meyiwa wadutshulwa washona ngo-2014 esemkhweni lakhe eSpruitview. Namanje nje ke kusenenkombankombane ngokubulawa kwakhe. 

Icala lokubulawa kwakhe liseyinzukazikeyi kanti liyaqhubeka enkantolo ePhakeme yasePitoli kumanje la kushintshana khona ofakazi. 

Wayesendlini nesinqandamathe sakhe uKelly Khumalo ongumculi, abalamu bakhe namasoka abo nomkhwekazi nabangani bakhe ngaleso sikhathi. 

Wayedlala kwi-Orlando Pirates nakwiBafana Bafana la ayengukaputeni khona ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo esashiya abaningi kuleli bengakholwa kuze kube manje.

FUNDA NALA: Sithebe: Sinqunyelwe ugwayi katiki ngokunqoba kwiSuperSport

Ividiyo yendodakazi yakhe ifakwe kwiTikTok kanti ikhombisa le ngane ayithola kuye uKelly Khumalo igenda ibhola ibonisa ikhono elihle. 

Abanye ke abakuthandanga ukuthi le vidiyo iphelezelwe ngengoma kaKelly Khumalo ethi Asine la ebalisa khona ngokusolwa ngokuba wumakoti onomkhuba owabulala indoda.

Zibukele nayi ividiyo ngezansi: